UGabriel ungene esikhaleni sikaKanu kwiRichards Bay
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, akekho eqenjini njengamanje futhi kukhona imidlalo ezomphuthela.
Umthombo osondelene naleli qembu uveze ukuthi lo mqeqeshi akekho eqenjini kuzobamba uRonnie Gabriel oke waba sethimbeni labaqeqeshi phambilini.
“Umqeqeshi uKanu (uVusumuzi Vilakazi) usamile kwiRichards Bay. Bamnike ilivu kodwa asazike noma usabuya yini,” kusho umthombo ozazi zonke zeNatal Rich Boyz.
“Kuzoqhubeka lo womdabu waseNdiya owaxoshwa sesingene kwiDStv Premiership. Igama lakhe uGabriel.”
Nokho kuyavela ukuthi uVilakazi uyokwenza izifundo zokuqeqesha iCaf B License eGoli.
Okushayisa abantu ngovalo ukuthi uKaitano Tembo wahamba eyofunda naye, wabuya sekukhona uVilakazi kwiBay.
UTembo ukhonjwe indlela ngoKhisimusi kwasala uVilakazi onomthwalo wokusindisa iqembu ezembeni.
INatal Rich Boyz ibukeka isihlangene ngaphansi kukaVilakazi. Isanda kushaya iKaizer Chiefs ngo 1-0 nokwenze yaqoqa amaphuzu amathathu abalulekile.
Nokho ngemuva kwalokho leli qembu laseMhlathuze lishaywe yiCape Town Spurs, eyibambe emsileni, ngo 1-0.
INatal Rich Boyz ayikaphephi ezembeni njengoba inamaphuzu angu-20 emidlalweni engu-25. Iyibambe endaweni yesibili ukusuka emsileni.
Iqembu elingenhla kwayo, iMoroka Swallows, linamaphuzu angu-26 emidlalweni efanayo.
Uma kugoqwa isizini kimi kanje iBay izodlala imidlalo yokuhlunga iqembu elizoba ngelika-16 kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.
FUNDA NALA: Sekubheda kakhulu kuMbulelo Mabizela – konakala kuya phambili
IBay izobhekana naMaZulu emdlalweni weDStv Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesibili ngo-3 ntambama. Uzobe engekho uVilakazi kulo mdlalo kubambe uGabriel.