EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

UZwane akakhathazekile ngokuxoshwa, ulungiselela isizini ezayo

By Sbongs Gumbi

Kunemibuzo nokungabaza ngokuthi u-Arthur Zwane usazoqhubeka yini kwiKaizer Chiefs uma kuqala isizini entsha. 

Kodwa noma kunjalo lo mqeqeshi uthi yena akazikhathazile ngalokho njengoba esebheke ukuqala amalungiselelo ukuze isizini iqale iqembu selingcono. 

Isizini esanda kusongwa ayibanga ngenempumelelo kuZwane yize izinto zingabhimbanga kakhulu uma ubheka ukuthi bekuyisizini yakhe yokuqala. 

Nokho isizini phele abalandeli sebekuvezile ukungeneliseki kwabo kanti kuvela nokuthi usihlalo weChiefs uKaizer Motaung naye akeneme neze. 

Ebuzwa ukuthi ngabe uzibona esekhona yini kwiChiefs ngesizini elandelayo, uZwane uthe akakhathazekile ngalokho ngoba akuyena umqeqeshi wokuqala ukuba kulesi simo. 

Ube eseqhubeka eveza ukuthi umkhankaso wokuqinisa iqembu sewuvele uqalile njengoba kunabadlali asebesayiniwe kanti abanye kusaxoxwa nabo. 

IChiefs ivele seyisayine uThatayaone Dithlokwe obekwiSuperSport United noGiven Msimango weTS Galaxy. 

Kusabhekwe iqede neStellenbosch ngoSibongiseni Mthethwa noJunior Mendieta kanti noMduduzi Mdantsane weCape Town City ukhonjwa kuyo. 

“Kunabadlali abambalwa esesibahlonzile futhi abanye sesibatholile vele kanti abanye abaphathi basabazama. 

“Kodwa ke konke kuncika entweni eyodwa… Ngabe labo badlali bazokwazi yini ukumelana nengcindezi yokudlalela iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs? 

“Yilokho okusishoya nemicabango eminingi njengamanje,” kusho uZwane ngemuva komdlalo wokugcina la beshaywe khona yiCape Town City. 

Ukuvumile ke nokuthi bekuyisizini enze kuyo amaphutha futhi wathola nezifundo ezimvule umqondo ezizomenza umqeqeshi ongcono ngesizini ezayo. 

“Isizini engifunde lukhulu kuyo le, ikakhulukazi ngokulanda abadlali, nokudedela abanye… 

“Kodwa noma kukuningo okubi, kodwa kukhona nokuhle esizokwakhela phezu kwakho ukuya phambili. 

“Sizokwengeza ngabadlali abazozosiza ukufukula iqembu,” kucacisa yena. Nokho ubuye wasebenzisa ihhawu elidala leChiefs uma inqena ukukhokha. 

“Sifuna abadlali abasezingeni. Uma bekhona abasezingeni, sizoshona kubo. Kodwa ke niyasazi isimo seChiefs sokuthi kuba nzima kanjani uma ifuna umdlali. 

FUNDA NALA: Kuvela okugqilaze iRichards Bay okungekuhle ngosihlalo wayo

“Njalo uma sifuna umdlali kwamanye amaqembu, enza kube nzima ukuthi simthole. Nokuncintisana kuphezulu ngakho kumele sithole indlela yokuthola laba badlali.” 

Uma enikiwe ithuba lokuqhubeka, izoba nzima kakhulu isizini ezayo kumfokaMangethe ngoba uzobe ebhekwe kakhulu.