U-Irvin Khoza uhlongoza ukushiya kwiPSL, abaxhasi abeneme
SIHLE NGUBO
Usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, useveze ukuthi angase ashiye futhi ngeke alungenele ukhetho lukasihlalo wePSL ngoNovemba nonyaka.
Ukuvela kwezindaba zokuthi angase ashiye uKhoza, kuvela ukuthi kutatazelisa abaxhasi, abatshali bemali nabezokusakaza ababambisene nePSL, ngokubika kweSunday World.
“Izingane zakhe manje zifuna ahlehle ngoba usekwenzile lokho obekumele akwenze, uzivuselele zonke izinkontileka,” kusho umthombo onolwazi.
“Abatshali bemali abakuthandisisi ukungaqondi kahle ukuthi kuzokwenzekani.
“Uma ungabuza abaxhasi, bangakutshela ukuthi bancamela yena, ukusebenzisana nomuntu abamaziyo.
“Ungumuntu oqondile mayelana nokwenza izinto nokuhlonipha abaxhasi.
“Akakaze azibize ngekhehla kodwa kulezi zinyanga ezidlule uqalile ukuzibiza kanjalo.
“Ubengakaze akhulume ngeminyaka yakhe, ukhuluma ngayo kulezi zinsuku,” kuqhuba umthombo.
Ngaphansi kuka-Irvin Khoza iPSL ikhule kakhulu, futhi ingenye yamaligi ahlonishwayo emhlabeni.
“Alikho iqembu elake lazizwa libukelwa phansi uyena (uKhoza) ngesikhathi sakhe njengosihlalo.
“Ukuba usihlalo bekufana nokuvikela ingane yakhe, yinto ayakha. Kuzomele bakhulume naye ukuze ahlale.
“Yikomiti eliphezulu elifuna ahlale futhi liyazama ukumphoqa ukuthi ashintshe isinqumo sakhe.
“Sekuphethe amadodana akhe (uNkosana noMpumi) kwi-Orlando Pirates. Ukugxila kwakhe ekubeni usihlalo weligi kwenze wangabeka umqondo wakhe kakhulu kwiPirates.
FUNDA NALA: UMntambo ubonga uLepasa nemfashini ngokwelulama kwakhe
“I-Pirates ngabe yenza kahle kakhulu futhi ngabe ikude njengeqembu. Kodwa usihlalo ukhethe ukungagxili kakhulu kuyona ukuze iligi yenze kahle.”

