I-VAR ingasixhelisa okwamathe uma siyibhayizela
SIHLE NGUBO
Kulabo abangabusiswanga ngabantwana, ‘ukuyothenga’ umntwana akuyona into ovuka ekuseni uyoyenza nje, bese ubuye naye sengathi uphethe amaqanda owathole esendalini emakethe.
Kunemicikilisho nezinto eziningi nje ezilandelwayo, ukuqinisekisa ukuthi abazali abasuke befuna umntwana (abangamzali) abe yingxenye yomndeni wabo, bazomphatha kahle yini nokuthi basuke bephila impilo enjani.
Noma esefikile ekhaya lowo mntwana, abezenhlalakahle baye belokhu beqhamuka, bezobheka ukuthi isimo sihamba kahle yini, umntwana uyaxhumana nabazali bakhe abasha ngendlela efanele.
Njengamanje isikhalo esikhulu ebholeni laseNingizimu Afrika, ukuthi onompempe bebhola lezinyawo abenzi kahle neze, futhi sekuyisikhathi eside kuqhubeka lokhu.
Sekukhulunywe kaningi ezinkundleni zokuxhumana (nakuzo zonke izinhlaka zebhola) ukuthi iVideo Assistant Referee (VAR) iyadingeka ebholeni leDStv Premiership, ngoba wonke amasonto kuhlale kukhalwa kakhulu ngezinqumo zonompempe.
Kuyavela ke ukuthi iVAR izotheleka kungekudala eMzansi, ngokusho kowengamele onompempe kwiSouth African Football Association (Safa), uVictor Gomes.
Nokho lo nompempe uphinde wakucacisa ukuthi bambalwa kakhulu onompempe (abadluli ngisho iminwe yesandla) bakuleli asebefundiswe kahle ukuthi le VAR yodumo isebenza kanjani.
Kuzomele siyibhekisise leyo ngoba i-VAR isikhonbise ukuthi maningi amaphutha aputshukayo ikhona.
Kumanje e-England bashaya amakhala ngayo, ngakho belu ukuthi ibukeka ingesona isisombululo esiphelele ezinqumeni zonompempe ezibuye zikhalise.
Iqiniso nje ukuthi i-VAR isibaxhelile kwelamaNgisi. Ngizwe sengathi amaqembu e-English Premier League (EPL) afuna nokuvota ukuthi ikhishwe ngoba inakho ukusika nganxanye okommese.
Ngiyazibuzake ukuthi kazi siyoyithini uma ihlula iligi ephezulu kangaka emhlabeni, nokuyilapho amaligi amaningi ebukela khona.
Yebo ngeke kusongwe izandla ngoba into yokushaya udaka konompempe baseNingizimu Afrika, isiyanenga nje kakhulu. Kwesinye isikhathi uvele ubone sengathi benza ngabomu.
Okubalulekile ukuthi singalandi ingane siyilethe ekhaya kanti izinto azihlelekile.