EzakamuvaIbhola

Imenena ichitha amahlebezi ngoSifiso Hlanti weChiefs

Imenenja kaSifiso Hlanti isiwakhahlele ngazo zombili amahlebezi okuthi lo mdlali usephelelwe wumhlaba kwiKaizer Chiefs. 

Embikweni obhalwe ngabeRushosportson kwiTwitter, bathe uHlanti uyahamba kuleli qembu laseNaturena uma kuphela le sizini. 

Uthe iChiefs seyinqume ukuthi ingayivuseleli inkontileka yakhe njengoba seyithole omunye umdlali odlala indawo efanayo naye ezomsayina.

“IStellenbosch seyivumelene ngokudayisa uFawaaz Basadien kwiKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini,” kusho lo mbiko. 

“UBasadien uzovala isikhala sikaSifiso Hlanti ngemuva kokuthi ithimba labaqeqeshi linqume ukuthi ngeke liyivuselele inkontileka yakhe ngoJuni.”

Kodwa uSizwe Ntshangase, oyimenenja kaSifiso Hlanti, uyichithile le mibiko. Uthi ukube kukhona okusha ngoHlanti kuleli qembu ngabe useyazi.

“Ukuqondisa nje lokhu enikushoyo,” kusho uNtshangase ongavamisile ukufihla izinto ngabadlali abangaphansi kwakhe. 

“Lokhu akulona iqiniso. Sicela nihloniphe umsebenzi wabanye futhi akukho okubi ngokubika kuqala izindaba. 

“Kodwa akumele kubikwe amanga bungekho ubufakazi. Yimi ozokwazi kuqala uma kukhona into enjalo ngoHlanti. Ngiyawuhlonipha umsebenzi wenu, kodwa ningezi kanje.”

FUNDA NALA: Imibango yasenkundleni engase ikhiphe umpetha kwiBucs neDowns

UHlanti akazange adlale emidlalweni emibili edlule yeChiefs nokususe ukuqagela ngokuthi ngabe usenalo yini ikusasa kuleli qembu.