EzakamuvaIbhola

UMahlambi nemizamo yokubuyela kwiPremiership

Umdlali waseNingizimu Afrika onekhono elimangalisayo, uPhakamani Mahlambi, kuvela ukuthi uziqeqesha yedwa lapho ehlala khona eGoli.

Inhloso wukuthi abuyele esimweni esifanele njengoba efuna ukuphinde athole iqembu kwiDStv Premiership.

UPhakamani Mahlambi, oneminyaka engu-26 kuphela, akumele ukuthi akanalo iqembu alidlalelayo uma kubhekwa indlela anekhono ngayo kunobhutshuzwayo.

Nokho inkinga ebhekene nalo mdlali ukuhluleka ukuhlukanisa isikhathi sokuphuza nesomsebenzi – ukujima nokudlala ibhola.

Lo mdlali oke wadlalela iBidvest Wits, yiMamelodi Sundowns, ne-Al Ahly yase-Egypt, sekuyinto eyaziwayo ukuthi akaphuzi nje kodwa uyabudlonya.

UGavin Hunt, oqeqesha iSuperSport United, wake waveza ukuthi uPhakamani Mahlambi wake wamnqanda imali seyifinyele ku-R45 000, lapho ayephuza khona nabangani bakhe.

Lo mqeqeshi uyena owanika uPhakamani Mahlambi ithuba lokudlala ibhola elikhokhelayo, ngesikhathi esaqeqesha iWits.

Konke lokhu kwenze amaqembu eDStv Premiership aziqhelelanise naye yize azi kahle ukuthi uyalazi ibhola.

UPhakamani Mahlambi uqale ukubonakala kwiBidvest Wits lapho edlale khona kusukela ngo-2015 kuya ku-2017.

Ukudlala kweZitshudeni emidlalweni yeCaf kwenze ukuthi lo mdlali abonwe yi-Al Ahly yase-Egypt. Uhlale e-Egypt kusukela ngo-2017 wase ebuya ngo-2018.

Ube esejoyina iSundowns afike kuyona ngo-2018 kwaze kwaba ngu-2022. 

Uke wabolekiswa kwiChippa United nakuMaZulu FC kodwa akahlalanga kuwona womabili la maqembu.

Lo mdlali uke waveza ukuthi kunendawo yokujima lapho ehlala eGoli, nokuyilapho ejima khona ukuze ahlale engumqemane.

Ukuthi ngabe lisekhona yini ithuba lokulungisa amaphutha kuPhakamani Mahlambi, abuye adlale ibhola, sekophenduleka ngokuhamba kwesikhathi.