UHugo Broos naye usekhala ngenkinga endala yeBafana
Umqeqeshi weBafana Bafana u-Hugo Broos uzwakalise ukwaneliseka ngendlela iqembu lakhe abelihlele kabusha elidlale ngayo libhekane ne-Andorra.
Nokho uyakhala ngokungabi bukhali phambi kwamapali. IBafana iwuqale kabi lo mdlalo obuse-Annaba, e-Algeria obuhlelwe yiFifa.
Unozinti uRicardo Goss wenze iphutha elishayisa amahloni eliphe i-Andorra, ekleliswe endaweni ka-164 kwiFifa, igoli.
Kodwa u-Elias Mokwana, obedlala okokuqala uyibuyiselile emdlalweni iBafana ngaphambi kokuba kuyiwe ekhefini.
Ezika-Hugo Broos zipaquze zaze zadela ngemuva kwalokho, zagcina zihlulekile ukuthola elokulinqoba yize kuyizo ebeziphethe lo mdlalo.
“Ngicabanga ukuthi kuphinde kwavela, futhi lokhu yinto engingathi iyinkinga ebholeni laseNingizimu Afrika,” kusho u-Hugo Broos ngemuva komdlalo.
“Asinaye ngempela umdlalo ongumshayi wamagoli oseqophelweni, umfana oshaya igoli ngethuba elilodwa.
“Uma ubona amathuba ayisithupha noma ayisikhombisa esiwathole namuhla, sishaye kanye kuphela elibheke epalini.
“Kodwa lokhu kuyinto encane nje enginganelisekile ngayo, kodwa kwabanye, kukhona abafana abambalwa abanganelise kakhulu.”
Ngaphambi komdlalo, lo mqeqeshi ubeveze ukuthi ulindeleni kwi-Andorra, okufakazele ukuthi kube njengoba ebeshilo uma ubheka isibalo esiphezulu samaphutha.
“Ngicabanga ukuthi ukubonile namuhla engikushilo ngaphambi komdlalo, yiqembu elidlala ligxile ekuvimbeni emuva…
“Baqatha ngokomzimba, futhi abasabi ukubhekana ngqo nomdlali, futhi bayaluqinisa nonyawo,” kwengeza uBroos.
“Lolo wuhlobo lwesitayela abanalo futhi, futhi, bekunzima kakhulu ngoba bahlulwa cishe yonke imidlalo.
“Kkodwa kuhlezi bengenelwa yigoli elilodwa, ngakho bekungenzeka nanamuhla ngoba, kulungile, sibaphile igoli. Elilula kakhulu.
“Kodwa uma ubona amathuba esiwatholile ngemuva kwalokho, ngicabanga ukuthi amathuba amahle ayisithupha noma ayisikhombisa okushaya amagoli.
“Ngakho-ke nangaphezu kwesipho esincane esibanike sona, besingawunqoba umdlalo.
“Ngakho-ke ngigculisekile, empeleni – hhayi ngomphumela, bengingathanda ukuwina namuhla – kodwa ngenelisekile ngokudlala kwaleli qembu elisha.
FUNDA NALA: UMahlambi nemizamo yokubuyela kwiPremiership
“Futhi ngigculisekile ngabanye babadlali, engicabanga ukuthi bangabafana abalungile esingabalela kubo mhlawumbe emidlalweni elandelayo ngoJuni nasekupheleni konyaka.”

