EzakamuvaIbhola

USukazi ubona owePirates engcono kunoLamine Yamal waseSpain

Usihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi, ukholwa ukuthi uRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates ungcono kunoLamine Yamal weBarcelona yaseSpain.

Lo mdlali oneminyaka engu-17, ushiye abantu bengawuvali umlomo ngaye kwi-Uefa Euro ka-2024 eGermany. Iqembu lakhe lesizwe iSpain, libe ngompetha balo mqhudelwano ngemuva kokushaya i-England kowamanqamu.

Okuphawuleke ngoYamal ukuthi unokuzethemba, wenza izinqumo ngokushesha futhi akumethusi nhlobo ukudlala ezingeni lomhlaba. Mhlawumbe yingoba esedlalele amaqembu esizwe amancane kakhulu ngaphambi kokufakwa eqenjini elikhulu.

“ENingizimu Afrika sinekhono lokuzalwa. Abadlali bethu abacijwa ukuze babe nekhono,” kusho uSukazi.

“Ungasho konke uncoma uLamine Yamal kodwa uMofokeng kwiPirates wenza into efana ncamashi futhi ungcono. Ngokwami wenza kangcono ngoba iligi yethu iyashesha kunalokhu okubona kwiLa Liga.

“Abasheshi, banesikhathi ebholeni. Banemiqondo futhi bahlale beqaphile kodwa siyashesha kakhulu futhi umdlalo wethu unesivinini. Kodwa indlela enza ngayo eminyakeni anayo (uMofokeng) nokuthi anqume imiphumela yemidlalo ngendlela enza ngayo, usezingeni elifanayo noYamal weBarcelona uma kungukuthi akekho ngaphezulu.”

UMofokeng (19) uthole imiklomelo iNedbank Cup Promising Player of the Tournament neDStv Young Player of the Season ngesikhathi i-Premier Soccer League inomcimbi wokuklomelisa abenze kahle ekupheleni kwesizini edlule.

“Uma ungangikholwa bafake bobabili enkundleni, uzoyibona le nto engikhuluma ngayo. Sinalelo khono kodwa kumele licijwe abantu abafanele.”

USukazi ubekhuluma nabezindaba kwiMpumalanga Premier International Cup, lapho iqembu laseGermany i-Augsburg belidlala nompetha baseTanzania iYoung Africans.