UBroos ‘iBoss’ ebaphula izinhliziyo abayiminyele
SIHLE NGUBO
Uma ungamthandi umuntu noma angakuthengela ibhanoyi, njengoba kuhlale kuthembisana izithandani, ngeke kushintshe lokho.
Nokho umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ulokhu ebephula izinhliziyo nje labo abangabaza amava nolwazi lwakhe lwebhola.
Ngaphambi kokuthi kuqale i-Africa Cup of Nations, e-Ivory Coast, abanye abalandeli bebeshiya abangalazi ngalo mqeqeshi waseBelgium.
Ngaphandle kokushiya abadlali abathile esikwatini sakhe, nokuqoka abeMamelodi Sundowns, abanye abalandeli bakuleli bakhombise ukuthi abamfuni nje nhlobo uHugo Broos.
Bebelibeka ngembaba elokhu iNingizimu Afrika izofika e-Ivory Coast idlale imidlalo emithathu kuphela bese ibuyela ekhaya, ingaqhubekeli phambili.
Ngemuva kwalokho uBroos aqoqe amasakana akhe abuyele eBelgium.
Sekuyinto engadinge kuchazwa kakhulu ukuthi uMadala (uHugo Broos) ubakhombisile (labo abamngabazayo) ukuthi yena ufana nesiqholo somzimba esinuka kahle – iHugo Boss.
Kwale sebeseka wonke amaqembu abedlala neBafana kwi-Afcon (ezinkundleni zokuxhumana) kodwa iqembu lesizwe lakuleli laqhubeka nokubaphoxa.
Nangesikhathi likhishwa yiNigeria kowandulela owamanqamu, sekukhahlelwa amaphenathi, ladlala kakhulu iqembu ‘likaHugo Boss’.
Ukubuya nendondo yethusi (ngokuphuma endaweni yesithathu) kwi-Afcon, yinto enkulu kakhulu eyenziwe uBroos neqembu lakhe.
Ukuze lifinyelele lapho lidlule emaqenjini anzima afana neTunisia, yiCape Verde neMorroco.
Kukho konke lokho oTomasi abayivumi induku noma esebabonisa uMadala ukuthi yena uyalazi ibhola.
Angifuni ukuqhathanisa uBroos nabaqeqeshi engibahloniphayo abafana noClive Barker (ongasekho), u-Ephraim “Shakes” Mashaba, uPitso Mosimane noStuart Baxter.
Ngeke ubukelwe phansi umsebenzi walaba baqeqeshi kodwa uBroos ucaba indlela ecace bha, ebheke phambili.
Emidlalweni engu-32 ebambe izintambo kwiBafana, uBroos usenqobe engu-16, wadlala ngokulingana eyishumi, wase eshaywa kweyisithupha.
Asikho isidingo sokunkanta kakhulu ngalokhu ngoba izinombolo ziyichaza yonke indaba.
Nalabo abebekhala ngabadlali abathile kwiBafana kumele bavume ukuthi uMadala uyayazi ngempela into asuke ekhuluma ngayo.
UKhanyisa Mayo unikiwe ithuba lokudlala iBafana ibhekene ne-Andorra ne-Algeria emidlalweni yakamuva yobungani.
Abaneqiniso kufanele ukuthi babonile ukuthi yini uBroos eshaya amakhala ngalo mgadli, ohamba phambili ngamagoli kwiDStv Premiership.
Yebo kuyezwela uma umuntu omdala (uBroos) ekhuluma amaqiniso ngabadlali bethu nokuthi bashoda ngani.
Angithi sabajwayeza ukuthi: “Thula wena boy, awuzange uboze yilona leli bhola elingakuthandi. Leli elinye esizodlala ngalo emdlalweni ozayo lizokuthanda, uyezwa?”
Okumele sikwamukele ukuthi uBroos ngeke akhethe abadlali abafunwa yithina, uyayazi yena into ayenzayo.
Okubalulekile nje ukuthi umsebenzi uyawenza futhi, uyayinqoba imidlalo.
Ngaphansi kukaBroos siya phambili futhi ngifisa isheshe udlule le nto yokuthi angase ashiye iBafana aye ukuyoqeqesha iTunisia. Akumele nje silahlekelwe uBroos njengamanje.
Noma angangasithengela ibhanoyi ngoba liyabiza kodwa kuyajabulisa ukuthi njengamanje sikhwele emkhunjini owodwa namaqembu ase-Afrika ahlonishwayo.
Lo Madala usevele usibuyisile isithunzi seBafana futhi siya kude uma nje esekhona.
FUNDA NALA: Inselelo ebhekene neChiefs emdlalweni olandelayo
Ongamthandi uyoze amthande noma agcine ethule du. Shwiii

