I-Arsenal nezitha zeMan City bazogqisha kwiSpurs
I-Arsenal izobe imincele ukuthi iTottenham Hotspur ishaye iManchester City emdlalweni we-English Premier League (EPL), eTottenham Hotspur Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
Njengoba zibheke kumaliyethe emidlalweni ye-EPL, umdlalo weSpurs neCitizens ubaluleke kakhulu ekunqumeni ukuthi yiliphi iqembu elizomuka nesicoco seligi.
IMan City ishiywa yiGunners ngephuzu elilodwa kuphela. Inangu-85 kanti i-Arsenal inangu-86.
Munye umdlalo osalele iGunners, okungowokugcina lapho izobhekana ne-Everton ngeSonto ngo-5 ntambama.
ICitizens yona izodlala neSpurs ngoLwesibili ebusuku, bese ivale neWest Ham kowokugcina ngeSonto.
Ukunqoba kweMan City kwiSpurs, kuzosho ukuthi ngeSonto idinga ukunqoba umdlalo wayo neHammers bese ibe ngompetha beligi.
Uma ihlohla amagoli amaningi kwiSpurs bese ingangenelwa yilutho, izoya koweWest Ham seyidinga iphuzu elilodwa ukuze ivikele isicoco sayo.
Kukho konke lokho akungabazeki ukuthi iGunners ithembe ukuthi iSpurs yone umcimbi weCitizens.
Uma kungenzeka lokho i-Arsenal ingadinga ukushaya i-Everton kuphela, bese ingabi nandaba nokuthi kwenzekeni kwiMan City.
Nayo iSpurs ilwela ukugulukudela kwiTop 4 ukuze iyodlala kwi-UEFA Champions League ngesizini ezayo.
Njengamanje ishiyana ngamaphuzu amahlanu ne-Aston Villa esisalelwe umdlalo owodwa weligi.
Ukunqoba kwiCitizens kungasho ukuthi iSpurs izoya emdlalweni wokugcina neSheffield United, esidliwe yizembe, isenethuba lokugudluza iVilla endaweni yesine.
I-Villa, ebambane neLiverpool ngo 3-3 ngoMsombuluko, izovala imidlalo yeligi ngokuvakashela iCrystal Palace, eSelhurst Park ngeSonto ntambama.
FUNDA NALA: ISafa imise onompempe ngezinsolo zokufuna ‘intshontsho’
Kuyazicacela ukuthi kuzoshunqa uthuli emdlalweni weSpurs neCitizens ngoLwesibili ebusuku, nokuthi i-Arsenal izobe ifuna lolo thuli luyixhophe iMan City.