Ubani ongangena khaxa ezicathulweni zikaKhoza kwiPSL?
SIHLE NGUBO
Njengoba usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, engase angalungeneli ukhetho ngoNovemba nonyaka, kuzomele kube khona ovala isikhundla sakhe.
Ngokwemibiko yakamuva u-Irvin Khoza usefuna ukuhosha imfe ngakho ngeke alungenele ukhetho lokuba usihlalo wePSL, nokuvela ukuthi uzokucacisa emhlanganweni olandelayo wale nhlangano.
Umbuzo omkhulu owokuthi ubani ozongena kulo bhazabhaza wezicathulo ezizoshiywa uKhoza, osebambe lesi sikhundla iminyaka eminingi.
Kubantu abangabhekwa ukuthi bangenele ukhetho lukasihlalo wePSL, kukhona uJohn Commitis, ongusihlalo weCape Town City.
Kukhona noMato Madlala ongusihlalo weLamontville Golden Arrows, nokunguyena osabambe njengesikhulu esiphezulu kwiPSL.
Omunye ikhona uStanley Matthews, weSuperSport United, naye osebe kwiPSL isikhathi eside.
UKaizer Motaung, ongusihlalo weKaizer Chiefs, angabalwa naye kodwa iminyaka iyamphikisa.
Naseqenjini lakhe iChiefs kuyacaca ukuthi usefuna ukudedela izingane zakhe ngoba usemdala.
USandile Zungu, ongumengameli waMaZulu FC, uvele usesiphakamisile isandla, wathi yena angasivala lesi sikhundla.
FUNDA NALA: UBroos ‘iBoss’ ebaphula izinhliziyo abayiminyele
Ngabe ubani esimfanele, ongasivala kungabonakali ukuthi oshiyile ubeyinku emdwayidwa kusona?

