EzakamuvaIbhola

‘Usesukumisa izishosha’ owayedlala kwiSundowns

Owayengumdlali weMamelodi Sundowns, uTiyani Mabunda, usethathe isinqumo sokuqinisekisa ukuthi ikomkhulu likaShepherd Bushiri elisePitoli, livuka qingqo.

UBushiri, owayezibiza ngomphofethi, wayehola isonto i-Enlightened Christian Gathering (ECG) ePitoli, elinenqwaba yabalandeli ababeza ezinkonzweni zakhe, ePretoria Showgrounds eClayville. 

Leli sonto lathi ukushayeka ngemuva kokuthi uBushiri nomkakhe uMary beboshwe ngo-Okthoba ka-2020, ngamacala okukhwabanisa imali nokuntshontsha.

UBushiri ubalekele eMalawi ngemuva kokuthola ibheyili eNingizimu Afrika.

UMabunda usaqhubeka nokweseka uBushiri futhi lokho ukukhombisile ngempelasonto yePhasika, ngokubika kweTimesLive.

“Ngibona uNkulunkulu ngokuthumela wena empilweni yami, mphrofethi uShepherd Bushiri.

“Ukuzazi kwami kuKrestu sekubumbekile nakanjani,” kusho uMabunda owayedlala kwiBafana Bafana.

“Ngenxa yobuholi bakho, ukungikhulisa nokungeseka, sengithole ukwebhulelwa kwangempela kuYaweh. Akwande ukubusiswa kuwena Oracle yami.”

Nangezikhathi ezinzima zikaBushiri uMabunda ubengafihli ukumeseka.

Ngemuva kokuboshwa kukaBushiri wathi: “Uma sengikhulile ngifuna ukufana nobaba wami uShepherd Bushiri.”

Kwividiyo efakwe yigatsha likaMabunda ngenyanga edlule, indoda ibonakala ihamba ngezinduku.

Kuthi emuva kwesikhashana ivele izilahle kude izinduku, ihambe ngaphandle kokusizwa omunye umuntu.

UMabunda wathi lokhu kwenzeka ngamandla kaNkulunkulu. Lona umkhuba obewenziwa uBushiri eminyakeni emine edlule.

UMabunda usebe yilungu laleli sonto iminyaka eyisishiyagalolunye.