Iphekwa ngomhluzi wenye kwiDStv Prem, koguga utshani
Imidlalo yeDStv Premiership isithothelene eduze njengoba selidumela emasumpeni nje ngesizini ka-2023/24.
Kunemidlalo emine ehlelelwe ukuthi ibe ngoLwesithathu lo mhla ka-3 Ephreli.
Impelasonto ende yePhasika ibe nemidlalo eyisikhombisa, kwathi eminye emine yadlalwa ngoLwesibili ebusuku.
Emidlalweni ebhekwe ngabomvu ngoLwesithathu, kukhona oweGolden Arrows ezokwamukela iSuperSport United.
IGolden Arrows ihlezi endaweni yesishiyagalombili – okuyisikhala sokugcina seMTN8 – futhi izobe ibheke ukuyigcina le ndawo.
Izobe ibheke nokuqhubeka nokunqoba njengoba ingakehlulwa kusukela kufike uSteve Komphela ukuzocija leli qembu.
Kodwa ezikaGavin Hunt, aMatsatsantsa, ezehlele endaweni yesithupha kulogi, zibheke ukubuyela emgqigweni.
Ukunqoba ngoLwesithathu ebusuku kuzokwenza iSuperSport United igxumele endaweni yesithathu.
Omunye umdlalo oconsisa amathe yila iSwallows izokwamukela khona i-Orlando Pirates eDobsonville Stadium.
Kuzobe kungokokuqala uTshegofatso Mabasa ebhekana neSwallows kusukela eyishiye isigubhukane ngoJanuwari kulandela isixakaxaka sezimali.
UMabasa, ongumgadli, ubebolekisiwe kuleli qembu laseDube futhi ubenza kahle kakhulu.
Komunye umdlalo, iTS Galaxy neRoyal AM bazokhiphana inkani bebanga ukwenyukela phezulu kwilogi.
IChippa United nayo izobe ibheke ukuqhubeka nomgqigqo wayo uma seyibhekene neCape Town Spurs empini yezembe.
Ukuwina kweCape Town Spurs kuzoyenza isuke emsileni okokuqala kule sizini. Yonke imidlalo emine izoqala ngo-19:30.
Imidlalo yangoLwesithathu: Golden Arrows v SuperSport United – 19:30; Swallows v Orlando Pirates – 19:30; TS Galaxy v Royal AM – 19:30; Chippa United v Cape Town Spurs – 19:30
FUNDA NALA: ‘Usesukumisa izishosha’ owayedlala kwiSundowns
Imiphumela yangoLwesibili yona ihambe kanje:
AmaZulu 0-0 Polokwane City; Kaizer Chiefs 0-1 Stellenbosch FC; IMamelodi Sundowns 1-0 Richards Bay; Sekhukhune United 2-2 Cape Town City FC

