EzakamuvaIbhola

Umqeqeshi weBucs ufuna umdlali ochithwe yiDowns

SIHLE NGUBO

Umdlali osanda kwehlukana neMamelodi Sundowns, uPeter Shalulile, kuvela ukuthi ugaqelwe ompetha beligi i-Orlando Pirates.

Lo mgadli waseNamibia inkontileka yakhe naBafana Ba’Style iphele ngoJuni 30 nonyaka.

ISundowns ibingakwazi ukuvuselela inkontileka kaShalulile ngonyaka, ngokwesivumelwano, kodwa yanquma ukungakwenzi lokho.

Lokhu kuchaza ukuthi uShalulile usengazitholela iqembu alithandayo, azogijima kulona ngesizini ezayo.

Ngokuthola komthombo othembekile weMpempe, umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouadou, usecele abaphathi beqembu ukuthi bamtholele lo mgadli waseNamibia, oneminyaka engu-32.

“Umqeqeshi u-Ouadou uyamfuna uShalulile futhi usekuvezile lokho kubaphathi bePirates. Ufuna bamlande lo mgadli”, kusho umthombo weMpempe ongashayi eceleni.

Iqembu laseZimbabwe eligijima esigabeni esiphezulu, iScotland FC, kuvela ukuthi selibeke u-R4.1 million etafuleni okuyimali elifisa asayine ngayo uShalulile.

Leli qembu libukeka lingenayo inkinga yemali njengoba lilande abadlali abafana noKnowledge Musona noKhama Billiat, bobabili abake bayibamba kwiChiefs.

I-Pirates isanda kuphunyukwa uSiyanda Ndlovu obedlalela iLamontville Golden Arrows, nosegcine esayine kwiSundowns.

Kuvele ukuthi uNdlovu ubeseqede konke nePirates kwase kuba nenkinga sekufanele ikhiphe imali.

UNdlovu ubesenenkontileka yeminyaka emibili naBafana Bes’thende, ngakho bebefuna imali ebhekile ngaye.

Uma iPirates imfuna uShalulile kuzomele ibeke okungcono etafuleni njengoba iScotland FC kuthiwa imnunusela ngo-R4.1 million wokusayina.

Ezinkundleni zokuxhumana kunombhalo othi ngokwesivumelwano neSundowns, uShalulile ngeke akwazi ukuphinde adlalele elinye iqembu lePremier Soccer League (PSL), yize esebashiyile Abafana Ba’Style.

Nokho Impempe ingakubeka kucace ukuthi ayinaso isiqiniseko salokhu, futhi izamile ukuthola iqiniso okuyilona ngakho, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela kungekho okubambekayo.

UShalulile uphethe irekhodi laseNingizimu Afrika lokuhlohla amagoli amaningi kwiPSL, njengoba esebeke enethini angu-132.

Wephule irekhodi ebeliphethwe uSiyabonga Nomvete lamagoli angu-129.

IBucs iyona ezobe ivikela isicoco seligi ngesizini ezayo, Kanti izoyibamba nakwiCAF Champions League.