OweNigeira uthi iBanyana beyisinomlomo kakhulu
Umeqeqeshi weqembu lesizwe labesifazane laseNigeria, iSuper Falcons uthi elakuleli, iBanyana Banyana bese linomlomo kakhulu ngaphambi komdlalo wabo obalulekile.
Cishe yikho lokhu okwenze iSuper Falcons yenze konke okusemandleni ukuthi ishiye kukhalwa kuleli ngoLwesibili.
INigeria idlale ngokulingana neBanyana emdlalweni wokuhlunga iqembu elizoya kuma-Olympic Games eFrance.
Lo mphumela uqinisekise ukuthi iNigeria yiyo eya eParis njengoba yanqonba umlenze wokuqala ngo 1-0 ngakubo.
“INingizimu Afrika ikhulume kakhulu ngaphambi komdlalo, bethi bazokwenza lokhu nalokhuya,” kusho uRandy Waldrum.
Ubekhuluma ngemuva kwalo mdlalo wangoLwesibili ebusuku obuseLoftus Stadium ophele ngo 0-0.
“Thina sivele sazithulela nje. Esesikucela manje wukuthi ungqongqoshe wethu wezemidlalo aseseke ngezinsiza zokuzilungiselela.
“Sidinga ukuyokhempa e-Europe ngaphambi kwama-Olympics,” kuqhuba uWaldrum.
Uzakwabo waseNingizimu Afrika, uDesiree Ellis, yena uvume ukuphoxeka ngokuthi badumaze isizwe sesibathembile.
IBanyana beyenza kahle kakhulu futhi kubhekwe ukuthi ikwazi ukuqeda ishobolo leNigeria bese iya kuma-Olympics.
“Ngeke ngikwazi ukuchaza lokhu kuphoxeka,” kusho u-Ellis ngemuva komdlalo.
FUNDA NALA: Inqunywe umlomo kuMiddendorp ‘egilwa’ unompempe
“Sizizwa sengathi sibenzele phansi abantu futhi lokho akuwona umuzwa omnandi.”

