Kuthanda ukusinda kuSamkelo Zwane kwiChiefs
Kubukeka isizoze iphele isizini engalitholanga ithuba umdlali osemncane othembisayo weKaizer Chiefs.
Bekulindeleke ukuthi abe khona eqenjini emdlalweni odlule waleli qembu la libambane khona neCape Town City ngo 1-0.
Lokhu bekungenxa yokuthi bekunabadlali ababili abajwayele ukuqala imidlalo abebengekho kulo mdlalo – oYusuf Maart no-Edson Castillo.
Nokho uSamkelo Zwane akazange abe khona eqenjini likaCavin Johnson ngoMgqibelo.
UZwane, oneminyaka engu-22, ongumdlali wasesiswini, usedlale izikhawu eziyisithupha kuphela kwiChiefs kule sizini.
Emdlalweni wangoMgqibelo uJohnson ukhethe ukuqala ngoSiyethemba Sithebe noSibongiseni Mthethwa phakathi nenkundla esiswini.
UZwane ubekhona ohlwini lwabadlali kodwa akazange alithole ithuba lokudlala kulo mdlalo.
Mancane ke amathuba okuthi abuyele eqenjini emdlalweni olandelayo ngenxa yezizathu ezimbili.
Esokuqala wukuthi uMaart noCastillo bayabuya ekumisweni kwabo kanti noSithebe udlale kahle kakhulu kulo mdlalo odlule.
UJohnson ubengawuvali umlomo ngoSithebe ngemuva komdlalo, ethi akaqondi kungani ebengadlaliswa phambilini.
IChiefs izogadulisana neStellenbosch FC esefomini enhle eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku emdlalweni weDStv Premiership.
FUNDA NALA: ElaseSoweto ligaqele oweBafana ‘osacabanga’ ngekusasa
IStellies isendaweni yesibili kanti seyihambe imidlalo engu-19 ingehlulwa, izobe ibheke ukuqhuba leli rekhodi layo.