EzakamuvaiDStv Premiership

Inqunywe umlomo kuMiddendorp ‘egilwa’ unompempe

Usekhethe ukuthi avele angazihluphi ngokukhalaza ngezinqumo zonompempe umqeqeshi weCape Town Spurs, u-Ernst Middendorp. 

Uveze lokhu ekhuluma nabakamabonakude ngemuva kokushaywa kwezakhe yiMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku. 

EzikaMiddendorp zincishwe amaphenathi kwaze kwakabili kulo mdlalo okuyinto okufanele ukuthi imcike kakhulu lo mqeqeshi. 

Nokho uze wagcina esehleka uma unompempe ethatha isinqumo esivuna iSundowns.

Igoli leSundows libe yiphenathi ekhalisile njengoba umdlali wayo ebedlaliswe kabi engaphandle kwebhokisi, kodwa wawela ngphakathi.

Unompempe nokho ulikhombe emlotheni, kwabe sekuphakathi uLucas Ribeiro, walinamathisela enethini.

“Nginesiqiniseko kwenzeke ngaphandle kwebhokisi, bekungamele kube yiphenathi,” kusho uMiddendorp. 

“Kodwa ke kusazomele ngibhekisise kahle. Empeleni angifuni ukukhuluma ngalokho.

“Ngithathe isinqumo ngesikhathi sekhefu sokuthi ngeke ngimoshe umdlandla wami ngezinqumo zonompempe.

“Vele kule midlalo emibili edlule bezisicindezela,” kusho yena. Uthe babe nawo amathuba okuthi bebengathola okuthile kulo mdlalo, kodwa behluleka ukuwasebenzisa. 

Bekuyigoli likaRibeiro, odabuka eBrazil lika-11 emidlalweni yeligi kule sizini yakhe yokuqala kuleli, okumenza kube nguye ozihola phambili. 

Nokho xinwe kabi uTshegofatso Mabasa we-Orlando Pirates oshaye amathathu emdlalweni owodwa, ambeka kwayisishiyagalolunye esewonke.