ULebitso uchaza okwenza adedele ishodi bebhekene neChiefs
Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates, uThabiso Lebitso wazifaka emlandweni weDabhi yaseSoweto ngesikhathi eshaya elihle igoli bebhekene neKaizer Chiefs muva nje.
Wadedela inguzunga yeshodi engaphandle kwebhokisi, wezwa ngenhlokomo yabalandeli uBruce Bvuma ukuthi selisenethini.
Leli goli likaLebitso labuyisela iPirates emdlalweni njengoba yayilandela ngemuva ngo 2-1 ngaleso sikhathi.
IPirates yagcina iwunqobe ngo 3-2 lowo mdlalo. Ekhuluma ngaleli goli kwiSuperSport kuleli sonto, uLebitso uthe kwamfikela nje ukuthi adedele udalimede weshodi ngoba vele yinto yakhe.
“Kuwumuzwa omnandi kakhulu ukushaya igoli ngoba njengoba ngingumdlali wasesiswini, manje osedlala emuva, amathuba okushaya igoli ayivela kancane.
“Kodwa ngakwazi ukushaya elinye lamagoli amakhulu empilweni yami, ngakho kumnandi kakhulu,” kusho uLebitso.
Leli goli ligcine liqokwe njengelivelele enyangeni kaMashi kwiDStv Premiership.
Uthi ukudedela odalimede bamashodi yinto yakhe vele, ngisho onozinti eqenjini bangofakazi bakhe.
“Uma ungeza la sijimela khona, ubuze onozinti bazokutshela ukuthi ‘ay, loyana udedela into eqine kakhulu’.
“Elinye lamakhono enginawo, yingakho nganquma ukuthi ngivele ngikhahlelele ipali ngoba vele ngiyakwazi ukukhahlela into ebhekile.”
Leli goli lakhe kumanje lisemabhukwini omlando walo mdlalo womkhaya ongomunye wethandwa umhlaba wonke.
FUNDA NALA: Nakhu okufunwa yiChiefs kumqeqeshi omusha
Lingelinye lokuzokhethwa kuwo igoli lesizini uma seyisongiwe le esikuyo njengamanje.