EzakamuvaIbhola

Nakhu okufunwa yiChiefs kumqeqeshi omusha

Njengamanje iKaizer Chiefs isohlelweni lokuqoka umqeqeshi omusha ozoqala umsebenzi ngesizini ezayo yeDStv Premiership. 

Kuvela ukuthi le kilabhu ithole imvula yezincwadi zokucela umsebenzi kusukela ikuvezile ukuthi icinga umqeqeshi omusha. 

Izinto azihambi ngendlela ejabulisayo kwiChiefs kule sizini njengoba kumanje kumincelwe ukuthi ingene kwiTop 8.

Nokho, uguquko lusemnyango njengoba umqeqeshi wesikhashana uCavin Johnson esezobuyela emsebenzini wakhe wokuthuthukisa intsha.

Lolu guquko luhlose ukuphefumula impilo entsha kulezi zinkunzi zaseSoweto osekuneminyaka ecela eshumini zishwiba izandla. 

Ngokombiko weFARPost, iChiefs isikubeke kwacaca ukuthi kumele aqale nini umqeqeshi wayo omusha. 

Bafuna umholi onomlando onomlando owaziwayo wempumelelo. Nazi ezinye zezinto okuthiwa zibhekwe yileli qembu kumqeqeshi omusha:

  • Onomoya wokunqoba: Umqeqeshi abamfunayo kufanele kube ngonomlando omuhle wokuwola izindebe emazingeni aphezulu. 
  • Onesifiso zokunqoba ezwenikazi: Bafuna umqeqeshi onolwazi futhi olambele ukuzuza impumelelo emiqhudelwaneni yeCaf njengoba nayo isifuna ukuba nenkanyezi ebhejini yeqembu. 
  • Odlala ibhola lesimanjemanje: Emzamweni wokuba neqembu elizokwazi ukuncintisana namanye, lezi zinkunzi zaseSoweto zibukeka zikubona ukubaluleka kokwamukela indlela yesimanje youdlala ibhola. 
  • Okwazi ukuguquka, ahambisane nezimo: Ifuna umqeqeshi owamukela amaqhinga esimanje, ongakwazi ukufunda umdlalo ngempumelelo, futhi enze izinguquko ezidingekayo ukunqoba umdlalo ngomdlalo. 
  • Onesandla esiqinile kodwa ngobunono: Leli qembu selike laba nezinkingana zokungaziphathi ngendlela kwabadlali. Lithi lifuna umuntu ozokwazi ukuvala lokho. 
  • Ukuzethemba: Umqeqeshi ozothathwa kufanele abe nesigqi, akwazi ukwenza wonke umuntu oseduze kwakhe akholelwe kuye. 
  • Ukukholelwa kubadlali abasebancane: Ekuzingeleni kwayo umqeqeshi omusha, ibeka phambili abanerekhodi lokukholelwa nokuthuthukisa abadlali abasebancane.