EzakamuvaIbhola

Usola ukubanjwa ngophondo bencishwa iphenathi owe-Al Ahly

Ukhale ngokuthi uhlelo lokusiza onompempe, iVAR lufana nesithusanyoni nje umqeqeshi we-Al Ahly, uMarcel Koller kulandela ukuhlulwa kwezakhe yiMamelodi Sundowns. 

I-Al Ahly ibuyele ekhaya imisila ingaphansi kwemilenze seyithole induku ka 1-0 emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwi-Caf African Football League. 

Kodwa uKoller akenelisekanga njengoba ekholwa wukuthi babanjwe ngophondo kulo mdlalo njengoba bencishwe iphenathi. 

“Ngicabanga ukuthi sidlale kahle esiwombeni sokuqala, ikakhulukazi emuva,” kusho uKoller kwabezindaba ngemuva komdlalo obungeSonto eLoftus Stadium. 

“Ngeshwa singenelwe yigoli esiwombeni sesibili ngephutha elenziwe yithi. Kodwa umdlalo bewungasindi ndawo ngemuva kwegoli. 

“Sithole iphenathi ngasekupheleni komdlalo. Angazi kungani abaqeqeshi base-Afrika bengazibhekisisi izinto kwiVAR ibe ikhona. 

“Izinto ezinjeya zicacile. Kubalulekile ukusebenzisa iVAR ikakhulukazi uma kukhona into eyenzeke ebhokisini esolisayo. 

“Ngeshwa lethu, abayisebenzisanga iVAR, sahlulwa kanjalo ke kulo mdlalo,” kuchaza lo mqeqeshi. 

Umdlalo womlenze wesibili uzoba seCairo, e-Egypt ngoLwesithathu kanti uKoller ukholwa wukuthi basenethuba lokujika izinto. 

“Sisenethuba futhi sizolwa eCairo. Nginesiqiniseko sokuthi sizolishaya igoli eCairo. 

“Ngiyazi kunezinsuku ezimbili kuphela phakathi kwale midlalo kodwa sizokwenza okusemandleni.

FUNDA NALA: UKhenyeza ubafuna kwiBafana abadlali be-Arrows

“Abalandeli bethu bazoyigcwalisa inkundla. Sizokwenza konke okusifanele ukufika kowamanqamu.”