EzakamuvaIbhola

IBucs itatazeliswa elasenhla ne-Afrika ngesihlabani sayo

I-Orlando Pirates izokuthola kunzima ukugcina omunye wezihlabani zayo njengoba sekuvele ukuthi izinkunzi zaseMorocco, iRaja Casablanca zimfuna uthuli. 

Leli qembu licijwa uJosef Zinnbauer waseGermany obekade esebenza kwiPirates phambilini. 

Kuthiwa manje lisha amashushu ngoKabelo Dlamini ongomunye wabadlali abaphambili kulezi zinkunzi zaseSoweto. 

Le ntshisekelo yeRaja kuvela ukuthi seyifake itwetwe kubaphathi bePirates okumanje bazama ukumnxenxa ukuthi asayine inkontileka entsha. 

Ngokubika kweSNL, inkontileka anayo njengamanje iphela ngoJuni ka-2024 kodwa inombandela wokwelula.

Uma egcina ngokungasayini, iRaja izomthola mahhala kodwa uma esayinile komele ingene ephakatheni. 

Intshisekelo evela eMorocco akuyona kuphela eyenza iPirates ifune ukwelula inkontileka kaDlamini. 

Lo mdlali ujoyine iPirates esuka kwiBloemfontein Celtic ngo-2019. Ungomunye wabadlali umqeqeshi uJose Riveiro akubeke obala ukuthi uyabathanda futhi wakhela phezu kwabo.

Usanda kubuya nje ekudlaleni kule sizini kulandela ukulimala okumhlalise ngaphandle kusukela ngasekuqaleni kwesizini. 

Ube nesandla ngesikhathi ngokushaya igoli ngesikhathi iPirates ihlula AmaZulu FC ngo 4-2 emdlalweni weNedbank Cup.

“Yebo, kuyiqiniso, inkontileka yakhe yamanje izophela ekupheleni kwesizini futhi ikilabhu isithathe isinyathelo sokumbekela entsha.

“Ifuna ukumgcina eminye iminyaka emithathu,” kucashunwe umthombo usho kanje kulo mbiko. 

“Akazange ayiqale kahle isizini njengoba ebengadlali njalo kodwa muva nje, ubeyingxenye yeqembu kweminye imidlalo ebalulekile.

“Lokhu kusho ukuthi ithimba labaqeqeshi lijabule ngokusebenza kwakhe. Ngakho-ke sekukhona lesi siphakamiso esisha ngaye. 

“Abafuni ukulahlekelwa nguye mahhala kunoma yiliphi iqembu. Umqondo wokuvuselela inkontileka yakhe bewuvele ukhona.

“Le ntshisekelo evela kwiRaja Casablanca kube yinto eyenzeka ngesikhathi bevele besezinhlelweni.”