Abaqeqeshi abanegama kwabagaqele umsebenzi weChiefs
Zingena zilakanyana izicelo zomsebenzi kwiKaizer Chiefs njengoba isemkhankasweni wokuthola umqeqeshi omusha ozoqala umsebenzi ngesizini ezayo.
Kuvela namagama abaqeqeshi abanamava nabanamagama azowayo kwezokuqeqesha.
Sesivele sike sabika ngoJose Paseiro wasePortugal obeqeqesha iSuper Eagles yaseNigeria, noPitso Mosimane njengabanye basohlwini lwabaqeqeshi okubhekwa kubo.
Kukhona noManqoba Mngqithi, Benni McCarthy noNasredine Nabi kulolu hlu okusetshenzelwa phezu kwalo.
Kodwa sekukhona namanye amagama amabili asengene kulo mbango walo msebenzi ongomunye wenengcindezi enkulu ebholeni lakuleli.
URui Vitoria, obengumqeqeshi weqembu lesizwe lase-Egypt, kubikwa ukuthi usengomunye wabaqeqeshi abafake isicelo zomsebenzi kwiKaizer Chiefs.
Lo mqeqeshi ugabe ngesipiliyoni esikhulu sokusebenza e-Europe nase-Middle East.
Kumaqembu aseke wasebenza kuwo kukhona i-Benfica yangakubo ePrtugal.
Waziwa ngokukhalipha kwakhe, unezicoco ezimbili azinqobe neBenfica, nesicoco saseSaudi Pro League asinqoba ne-Al Nassr.
UVitoria, ozohlanganisa iminyaka engu-55 ngenyanga ezayo, usenqobe izindebe eziyisishiyagalombili emsebenzini wakhe.
Okwamanje akanaqembu asebenza kulo kulandela ukushiya kwi-Egypt ngoFebhuwari 2024 ngemuva kokungenzi kahle kwi-Afcon.
URaul Caneda, odabuka eSpain, naye ngomunye okubikwa ukuthi uselifakile igama lakhe ohlwini lwabagaqele umsebenzi weChiefs.
Lo mqeqeshi udume ngokudlalisa ibhola elihle usondelene kakhulu noPep Guardiola weManchester City.
Kubikwa ukuthi naye useveze intshisekelo yakhe ngalo msebenzi waseNaturena wokucija Amakhosi.
Unezicucu ze-Uefa Pro License kanti useke wasebenza kwiReal Sociedad ne-UD Almeria.
Useke wasebenza naseSaudi Arabia emaqenjini avelele i-Al-Ittihad ne-Al-Nassr.
Waba nempumelelo enkulu kwi-Al-Ittihad ngo-2012, lapho aqopha khona irekhodi lokungahlulwa emidlalweni engu-25 yokuqala kuleli qembu.
FUNDA NALA: IBucs itatazeliswa elasenhla ne-Afrika ngesihlabani sayo
Useke wasebenza nasenkulisa yeReal Madrid kanti kumanje akanaqembu kusukela ngo-2020.