Ezakamuva

Ngathi kuyalunga kwiRichards Bay, uKanu uza kahle

Umqeqeshi weRichards Bay FC, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, ungowakamuva weDStv Premiership ukuhlela itulo lokuqumba phansi iKaizer Chiefs ngempumelelo.

INatal Rich Boyz ishaye Amakhosi ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto.

Kube yigoli likakaputeni uSimphiwe Mcineka eliqinisekise ukuthi iBay ithola amaphuzu amathathu abalulekile, njengoba izama ukubalekela izembe.

“Indlela abacabanga ngayo laba badlali seyithuthuke kakhulu, futhi ngiyakuthanda lokho,” kusho uVilakazi ngemuva komdlalo eMlaza.

“Njengamanje asisadingi ukudlala ngokulingana noma ukushaywa. 

“Sibe nenhlanhla ukuthi sithole ikhona kwaba yigoli. Ngesiwombe sesibili bengilindele ukube beze kithina kodwa besilokhu siwathola amathuba okuhlasela.

“Ukuthola amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili yinto enkulu. Okwamanje konke kuhamba kahle.”

Ngaphambi komdlalo neChiefs leli qembu laKwaZulu-Natal lishaye iMoroka Swallows ngo 1-0.

Njengamanje iBay ibukeka ingeke iqonde ngqo ehlathini njengoba seyivule igebe lamaphuzu ayisishiyagalombili phakathi kwayo neCape Town Spurs eyibambe emsileni.

Eqinisweni nje, uma ingqaqhubeka nalo mgqigqo wayo kule midlalo eyisithupha esele, ingakwazi ukulibalekela impela izembe.