EzakamuvaIbhola

OweSwallows ubhuqe uMiddendorp ngokudikila eTanzania

Usihlalo weMoroka Swallows, uDavid Mogashoa usengene ezinkundleni zokuxhumana wabhuqa umqeqeshi u-Ernst Middendorp ngokudikila umsebenzi eTanzania.

UMiddendorp akaqedanga nenyanga ekwiSingida Fountain Gate edlala emiqhudelwaneni yeCaf kule sizini. 

Uthi uxakwe wukungenelela kwabaphathi emsebenzini wakhe njengoba bebefuna ukumqokela iqembu azolidlalisa. 

Baphinde bambhansela ngephini abathe akasebenze nalo ngaphezu kwawakhe asuke nawo kuleli. 

Ubekade efike kuleli qembu nje kade evele eshiye isigubhukane nakwelaseGermany iSV Mappen abeliqeqesha. 

Ngaphambi kokuya kulo, wayekade eshiye ngendlela efanayo nakwiSwallows, ehamba engavalelisile eyishiya ilengela ezembeni. 

Impempe yayivele kade ibikile ukuthi isimo sasingasesihle phakathi kwalo mqeqeshi nabaphathi ngenxa yethika lakhe. 

UMogashoa, owambuqa nangesikhathi eshiya iqembu lakhe lilengele ezembeni, uphinde leso nangoLwesibili. 

“Kade nje ngixoxela omunye nje ngithi lo uzodikila umsebenzi phakathi nobusuku, ashiye labantu abashiyise imisebenzi yabo belenga… 

“Lilodwa ithumba ongalethemba, elikaPitso Mosimane,” kusho lesi sikhulu esizithandelayo ukuphawula ezinkundleni zokuxhumana. 

UMiddendorp ubelande uThabo Senong, uThembalethu Moses noNdlomo ukuthi bayomlekelela kulo msebenzi wakhe eTanzania. 

FUNDA NALA: Inkakha iveza okushaya uSteve Komphela ekuqeqesheni

Akabange esayibala eyabo ngesikhathi ekhipha isitatimende esiveza okumele adikile phakathi nobusuku kuleli qembu.