Akakholwanga kwayena uRayners ehlohla inqwaba yamagoli
SIHLE NGUBO
Umgadli weStellenbosch FC, u-Iqraam Rayners, uzwakalise ukubonga ozokwabo ngemuva kokuhlohla amagoli amahlanu bebhubhisa iPolokwane City ngo 5-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo.
Lo mgadli ubengezwile nhlobo kulo mdlalo, emuka nayo uthuli iCity.
Ukushaya kwakhe amagoli amahlanu kwenze washubisa umbango womdlali ozoqeda enamagoli amaningi kule sizini yePremiership.
Usezihola phambili ngamagoli angu-13 njengoba sekusele imidlalo emihlanu kusongwe isizini.
“Ngiyabonga futhi ngiyajabula ngokushaya amagoli amahlanu emdlalweni owodwa,” kusho uRayners oqokwe njengomdlali ovelele kumfanele kulo mdlalo.
“Ngibonga ukubambisana nabo bonke ozakwethu ukusuka emuva kunozinti, izitobha nabanye abadlali.”
Ukushaya la magoli kubeke uRayners ngenhla kukaTshegofatsho Mabasa we-Orlando Pirates, noLucas Ribeiro weMamelodi Sundowns, bobabili abanamagoli angu-11.
Endaweni yesithathu kukhona uKhanyisa Mayo weCape Town Spurs, onamagoli angu-10.
Umqeqeshi weStellies, uSteve Barker, umncome kakhulu uRayners ngokushaya amagoli amahlanu.
“Ngiyaqala ukuqeqesha iqembu lapho umdlali eshaya khona amagoli amahlanu emdlalweni owodwa,” kusho uBarker ngemuva komdlalo.
“Ngiyamjabulela uRayners ngicabanga ukuthi uyena osezihola phambili ngamagoli manje.”
IStellies yenza kahle kakhulu kule sizini ngaphansi kukaBarker. Leli qembu laseKapa livele selinqobe iCarling Cup Knockout.
Lisethubeni lokunqoba indebe yesibili kule sizini njengoba lisekhona kwiNedbank Cup, lapho lizodlala khona neSundowns kowandulela owamanqamu.
FUNDA NALA: Uswele isihlangu sokugiya uJohnson eqeda ishobolo leChiefs
Njengamanje iStellies isendaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership nokuchaza ukuthi isethubeni lokuyodlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.