UBrandon Truter akafuni ukuzincoma, kodwa usophe ukuqopha umlando
By Sihle Ngubo
Umqeqeshi uBrandon Truter unethuba lokuqukula indebe yakhe yokuqala esigabeni esiphezulu kulandela ukuxoshwa AmaZulu FC ngasekuqaleni kwesizini.
Lo mqeqeshi, ojwayele ukugaxa ijezi emahlombe, uzohola iSekhukhune United uma seyitholana phezulu ne-Orlando Pirates emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup eLoftus Stadium.
Lo mdlalo uzoqala ngo-5.30 ntambama ngoMgqibelo. UBrandon Truter ufike kuMaZulu ngemuva kokuchithwa kukaBenni McCarthy ngesizini ka-2021/22, isiya ngasekupheleni.
Usize Usuthu lwaqeda kwiTop 8, nokungamangazanga ngesikhathi leli qembu liqhubeka naye ngesizini ka-2022/23.
Nokho ibuye yashiphelana noSuthu lo mqeqeshi wakhonjwa eza ngayo. Kuke kwavela izinsolo zokuthi uBrandon Truter uletha abadlali azwana nabo kuMaZulu futhi ubadlalisa noma kungabafanele lokho.
Umsindo usuke kakhulu ngokufika kukaVirgil Vries okuvela ukuthi kwaba yisinqumo esingehlanga kahle kubaphathi baMaZulu.
Uxoshiwe ke uBrandon Truter wazithola esekwiSekhukhune ngemuva kokuhamba kukaKaitano Tembo obefike ezovala isikhala sikaRomain “Fohloza” Folz, ogcine ekuMaZulu.
Sekungumlando ke ukuthi uFohloza uhlulekile ukwenza into ebonakalayo kuMaZulu waze wagudluzwa esikhundleni sokuqeqesha, kwabamba u-Ayanda Dlamini.
ISekhukhune ibukeke ishintsha ngaphansi kukaBrandon Truter iwina imidlalo ebalulekile.
Leli qembu liqede kwiTop 8 kanti lizithola lisethubeni lokuwina iNedbank Cup ehambisana nesheke lika-R7 million.
Ukuwina kuzosho lukhulu ngamava kaBrandon Truter kanti iqembu lakhe lizoya kwiCaf Confederation Cup noma lingashaywa yiBucs ngoMgqibelo.
Lokhu kungenxa yokuthi iPirates ivele seyizibekisele indawo kwiCaf Champions League ngakho ayidingi ukuyodlala kwiConfederation Cup.
Kuzocaca ntambama ukuthi uBrandon Truter uzokwazi yini ukuqedela isizini yakhe egcine iyinhle ngokuqukula iNedbank Cup neSekhukhune.
“Angiyena ukuntu othanda ukuzincoma,” kusho lo mqeqeshi kuleli viki.
“Kodwa ngokokukhula ekuqeqesheni, mina nethimba lami siyawenza umsebenzi futhi singasebenza noma kuliphi iqembu.
FUNDA NALA: Kunyuka amathemba kwi-Orlando Pirates kubuya abebelimele
“Abantu abaseduze nami babaluleke kakhulu. Akumina ngedwa. Ngingakhuluma ngesengikuhlomulile, kodwa uMdali obelokhu eseduze kwami.
“Bese kuba yithimba engisebenzisana nalo nabantu engiphila nabo. (Ukufika kowamanqamu) Kuyimpumelelo kodwa ngifia kungagcini la, kube yisiqalo.”