EzakamuvaIbhola

Inkakha isisola kuKaizer ‘isiqalekiso’ seChiefs ngabaqeqeshi

U-Isaac Mabotsa, owayengumdlali wasemuva kwiKaizer Chiefs phambilini ukholwa wukuthi  izinto zaleli qembu ziyolunga mhla uKaizer Motaung washweleza ngamagama akhe. 

Uthi uKaizer Motaung kumele ashweleze kwabaphansi ngolaka olubhekene neChiefs. Uthi lolulaka ludalwa amazwi alesi sikhulu. 

Kuzokhumbulekaukuthi uMotaung wake walibeka ngembaba elokuthi akekho umqeqeshi wakuleli ongakwazi ukucija leli qembu ngempumelelo. 

“Weqisa amazwi emdala ngesikhathi ethi akekho umqeqeshi omnyama ongaqeqesha iKaizer Chiefs,” kusho uMabotsa. 

“Ngibona ukuthi lokhu kwaba yisiqalekiso njengoba abaqeqeshi abamnyama befika bahluleke nje ukuletha imiphumela edingwa yiqembukuze kube manje. 

“Washo lamagama qede waqasha uSteve Khompela owafika wahluleka, izinto zambhedela. 

“Baningi nabanye abaqeqeshi abamnyama asebezamile kodwa behluleka okukhona kubo o-Arthur Zwane, Molefi Ntseki, Ace Khuse, Doctor Khumalo… 

“Bonke laba baqeqeshi abamnyama bahluleka ngemuva kokuthi ekhulume lamazwi angemahle neze,” kuchaza uMabotsa. 

Uthi ngaphambi kokuthi kuphume lamazwi, babekhona abaqeqeshi abamnyama abalicija leli qembu, futhi baphumelela. 

“Ngaphambilini abaqeqeshi abamnyama baphuma nempumelelo kwiChiefs. Lapho sibala oJoseph Setlhodi, Shaka Ngcobo, Chris Ngcobo, Eliakim “Pro” Khumalo, Wiseman Ngcobo, Nelson “Teneege” Dladla, Ryder Mofokeng, Jackie Masike noJack Chamangwana…

“Kodwa manje abaqeqeshi abamnyama bayafika bayiqeqeshe iKaizer Chiefs, kodwa kuvele kube mnyama ebusweni benkawu. 

“Kugqoza imiphumela bese bebhekana nolaka lwabalandeli njengoba sibonile muva nje noMolefi Ntseki ophume emidlalweni emthathu eseqashwe amaphoyisa. 

FUNDA NALA: UGrobler akanamona, uliphe uMatlaba igoli lesithathu

“Naku-Arthur Zwane noSteve Komphela kwaba esifanayo njengoba bazithola sebejikijelwa, bethukwa,” kusho uMabotsa.