UNgezana ‘uyinkomo’ edla utshani obungcono kunobaseNaturena
SIHLE NGUBO
USiyabonga Ngezana, owayedlalela iKaizer Chiefs, wake wabizwa ngenkomo ngesikhathi enza amaphutha kuleli qembu laseNaturena.
UNgezana useyibamba kwiFCSB yaseRomania ewine isicoco seligi iRomania Liga, ngempelasonto.
Lo mdlali ubeqala ngqa ukunqoba isicoco seligi, futhi sekuke kwavela ukuthi kukhona amaqembu amakhulu kumaligi amakhulu e-Europe amfunayo.
Lapha kuvela namaqembu aseFrance okuthiwa azimisele ukushaya iphakethe ukuze alande uNgezana.
UNgezana wenza amaphutha ngesikhathi iChiefs ibhekene neMamelodi Sundowns ekuqaleni kwesizini edlule.
Lokhu kwamenza waba nyamanambana kubalandeli beChiefs abase bembiza ngenkomo. Babethi alalazi ibhola, iChiefs kumele imchithe.
Kumangale abaningi esayina eqenjini laseRomania, lapho esedlala khona njalo yize engaqalanga kahle.
UNgezana, oneminyaka engu-26, udlale imidlalo engu-30 kusukela efikile eqenjini lakhe ekuqaleni kwesizini.
NgoMgqibelo i-FCSB ishaye iFarul Constanta ngo 2-1 okwenze yanqoba isicoco seligi okokuqala kusukela ngo-2014/2015.
Lo mdlali wasemuva kulindeleke ukuthi abe khona kwiBafana Bafana njengoba izodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoJuni.
FUNDA NALA: Akakholwanga kwayena uRayners ehlohla inqwaba yamagoli
Ukunqoba isicoco seligi kusho nokuthi uNgezana uzodlala kwi-Uefa Champions League ngesizini ezayo.