EzakamuvaiDStv Premiership

‘Isikhubile kancane’ iphenathi – John Maduka

Iphenathi ebekelwe i-Orlando Pirates esiwombeni sokuqala ithe ukuwuphazamisa umgqigqo weRoyal AM egcine ithelwa ngehlazo lika 4-0 isekhaya. 

Igoli lokuqala lingene ngomzuzu ka-29 iPirates ibekelwa iphenathi engacacile, ngesikhathi uTshegofatso Mabasa bemwisa ngaphandle kwebhokisi. 

Nokho unompempe ulibize emlotheni, kwaba nguPatrick Maswanganyi oyibeka enethini. 

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili uThalente Mbatha washaya elesibili ngomzuzu ka-56, kwacaca ukuthisekuzosinda kwiRoyal AM. 

URelebohile Mofokeng wengeze elesithathu ngomzuzu ka-74, uKabelo Dlamini – ongene endaweni kaMonnapule Saleng – washayela isipikili sokugcina ngomzuzu ka-82. 

“Uma ubheka umdlalo, siwuqale kahle, silwela wonke amabhola,” kusho uMaduka ngemuva komdlalo. 

“Besiligcina ibhola, sisondela nangasepalini labo mhlawumbe iphenathi esithiakmezile ngoba singenelwe yigoli ngayo. 

“Kodwa siqhubekile salwa esiwombeni sokuqala… Esiwombeni sesibili, ngeke ngibasole laba bafana ngamaphutha abawenzile. 

“Uma ubheka iPirates, uma wenza iphutha izokukhokhisela lokho. Bahlezi belinde wenze iphutha.

“Bekuthi uma sike salala emuva, bese beshaya igoli. Bayiqembu elibukhali uma liya phambili. 

“Bayakulinda wenze iphutha bese bekulimaza… Yebo iphenathi isithikamezile kodwa asizange siyekelele, siqhubekile salwa.

“Siwatholile amathuba ambalwa kodw abekungadaliwe namuhla. Kube yishwa, sesibheke umdlalo olandelayo.”