Usafuna ukuhlala eGeorgia uCele owaboshwa umndeni ungazi
UThulani Cele uzimisele ukulifeza iphupho lakhe lokudlala ezingeni elikhokhelayo eGeorgia la abeboshwe khona kusukela ngonyaka odlule.
Indaba ‘yokuduka kukaCele ngesikhathi eye kuleliya lizwe eyohlolwa ikhono yathusa abaningi njengoba kwavela ukuthi uboshiwe.
Kwathatha isikhathi eside ukuthi kutholakale ukuthi uboshelwe kuphi nokuthi uboshelweni.
Kwagcian kuvele ukuthi wazithola esesenkingeni njengoba imemenja eyayimhlanganisele ukuba ayohlolwa eGoergia yadlala ngaye.
Wazithola ehleli ehhotela kungekho qembu elimlandayo, wabe esephelelwe nayimali wazama izindlela zokufonela ekhaya.
Kulapho ke uCele acela khona umakhalekhukhwini womunye umuntu, wazama ukufona ngawo.
Kodwa ngenxa yokungezwani ngokolimi, lo okwakuthathwe ifoni yakhe wazitshela ukuthi uyayeba wambika konogada ababiza amaphoyisa.
Yize ayibuyisa ifoni ngemuva kokufona, wabe eseboshwa wacetshiswa ukuthi alivume icala ukuze athole isigwebo esincane.
Wagcina egwetshwe izinyanga ezingu-18 kanti manje usephumile kodwa usazimisele ngokuhlala kuleli lizwe adlale khona ibhola elikhokhelayo.
“Ngagcina ndawanathile (ngemuva kokuboshwa) izinsuku eziyisishiyagalolunye ngaphambi kokudluliselwa ejele elikhulu,” usho kanje kwabeMetro FM ngoLwesibili kusihlwa.
“Anginanxa noBaggio (imenenja eyamlutha yamusa eGoergia) lezi zinto ziyenzeka ebholeni kodwa okwamanje ngifuna ukukhuluma nomndeni wami.
FUNDA NALA: Ncikazi: Lo mdlalo weSwallows udinga amangwevu abadlali
“Kunzima, kodwa kumele ngizame ukuliphilisa iphupho lami lapha. Ngifuna ukuhlala lapha eGeorgia,” kuchaza uCele.

