EzakamuvaIbhola

Zithini ngoKhune kwiChiefs? Imenenja iyacacisa

Imenenja ka-Itumeleng Khune isikhiphe imininingwane emisha ngekusasa lalo nozinti osemnkantshubomvu kwiKaizer Chiefs.

U-Itumeleng Khune uzophelelwa yinkontileka yakhe neChiefs ekupheleni kwesizini kanti kubukeka leli qembu lingeke liyivuselele.

Lo nozinti oneminyaka engu-36 okwamanje usamisiwe emsebenzini ngemuva kokuthi efike ejimini enuka utshwala.

UBruce Bvuma usethathe isikhundla sokuqala imidlalo bese uBrandon Petersen eba sebhentshini ngesikhathi uKhune esamisiwe. 

Amahlebezi athi iSekhukhune United isibheke ngabomvu isimo sikaKhune kwiChiefs futhi ingagxuma ihlale uma iChiefs imdedela. 

Kodwa imenenja yakhe, uThato Matuka, imile kwelokuthi alikho iqembu eselifike kuye lazokhuluma ngoKhune. 

UKhune usengakhuluma futhi asayine inkontileka yesethembiso nelinye iqembu njengoba sekusele ngaphansi kwezinyanga eziyisithupha iphele eyeChiefs.

UMatuka uphinde waveza ukuthi basaxoxisana neChiefs ngekusasa lalo nozinti.

“Ukuxoxisana neqembu ngekusasa lika-Itu kusaqhubeka. Yinto eqhubekayo engeke ivele yenzeke masinyane nje,” kusho uMatuka etshela iFar Post.

“Alikho elinye iqembu esixoxisana nalo noma eselike lavela lafaka isicelo. 

Nokho kuyavela ukuthi kungenzeka ukuthi uKhune wayedlala okokugcina kwiChiefs ngoNovemba ngesikhathi behlulwa yi-Orlando Pirates ngo 3-0. 

UKhune, owakhushulelwa eqenjini elikhulu esuka enkulisa yeqembi ngo-2004, usedlale imidlalo engu-345 kuMakhosi. 

Akangenelwanga goli kwe-145 yale midlalo aseyidlalile. Lo nozinti osemnkantshubomvu udlale imidlalo engu-91 kwiBafana Bafana.