IPirates ihlawuliselwe ukusebenzisa ‘umuthi’ ivakashelwe yiLupopo
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates ihlawulise yiCAF isamba sika-R430 000 kulandela ukubhekana kwaleli qembu neSt Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo, emdlalweni womzuliswano wesibili weCAF Champions League.
IPirates ishaywe sekukhahlelwa amaphenathi kulo mdlalo obuphele ngo 3-3 sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili.
Ngemuva kwalo mdlalo iBucs ifake isikhalazo ngomqeqeshi weLupopo, uGuy Bukasa, nabadlali ababili uHenoc Molia noKhashala Wanet.
Mayelana nomqeqeshi uBukasa iPirates beyithi bekungamele ahlale ebhentshini kulandela ukumiswa esacija iqembu le-Under 20 kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) e-Egypt ngasekuqaleni konyaka.
UBukasa wayengumqeqeshi weDR Congo ngaleso sikhathi, kanti wehla esihlalweni ngemuva kokushaywa yiNingizimu Afrika ngo 1-0.
Ngenxa yalokhu iPirates beyikholwa ukuthi lo mqeqeshi bekungamele ahlale ebhentshini ngesikhathi bebhekene neLupopo.
IBucs beyiphinde yakhala ngokuthi uHenoc Molia wabhaliswa sekudlule isikhathi, kanti ibishaya amakhala ngoKhashala Wanet ebithi unama-passport amabili.
I-CAF inqume ukuthi ngeke iyibuyisele iPirates kwiChampions League, okuchaza ukuthi iLupopo izoqhubeka nokudlala kweyamaqoqo, lapho kukhona neMamelodi Sundowns eqoqweni layo.
IPirates ishawuliswe u-R343 000 ngoba isolwa ngokusebenzisa ‘umuthi’ (chemical products) ezindlini zokushintshela lapho kwakukhona iLupopo.
I-CAF ibalule ukuthi lokhu kufake engozini abadlali beLupopo nezikhulu zaleli qembu laseCongo.
Lokhu kufakazela okwashiwo yiLupopo ngemuva komdlalo, ukuthi kwachelwa ngomuthi othile ngasezindlini zabo zokushintshela.
Ngaphezu kwalokhu iBucs iphinde yahlawuliswa u-R85 700 ngokuhluleka ukuhlela kahle izinto ngosuku lomdlalo, nokuhluleka ukuhlelela iLupopo ama-accreditation ngendlela efanele.
Ikomiti eliqondisa ubugwegwe leCAF liphinde lamisa umdlali weLupopo uMukoko Amale imidlalo emibili engadlali, kulandela ukungaziphathi kahle kulo mdlalo owawunezidubedube.

