IPirates izodoba ngoKarim Kimvuidi, ifuna oweStellies
UKarim Kimvuidi kungenzeka abolekiswe kwelinye iqembu ukuze ayoqiniswa ukhakhayi njengoba kubonakala kunzima ukuthi angene eqenjini kwi-Orlando Pirates njengamanje.
IPirates ithenge lo mdlali osemncane odabuka eDemocratic Republic of Congo kwiMaritzburg United ngasekupheleni kukaJulayi.
UKarim Kimvuidi ubengomunye wabadlali abenze kahle kwiTeam of Choice ngesizini edlule yize igcine idliwe yizembe nje.
“Ufike sekukade njengoba iqembu bese libuyile nasemakhempini okulungiselela isizini okusho ukuthi usalele emuva kokuningi.
“Uma ubheka abanye abadlali abasha njengoPatrick Maswanganyi, sebengenile eqenjini ngoba babe nesikhathi esanele sokuzicija neqembu kusalungiselelwa isizini.
“Manje into ebukeka ingaba yinhle ngaye wukuthi abolekiswe nokuyinto iqembu eliyicabangayo njengamanje,” kusho umthombo.
“Kumele ayothola la ezodlala khona njalo, la nengcindezi ingenkulu kakhulu ukuthi abe nokuzethemba.
“Uzokhumbula ukuthi kwenziwe kanjalo nangoMonnapule (Saleng) njegoba manje esewumgogodla weqembu nje,” kwengeza lo mthombo.
Uthe njengoba iPirates isemizamweni yokunxenxa iStellenbosch FC ukuthi iyidedelele uSibongiseni Mthethwa nje, kungenzeka bayidobe ngaye uKarim Kimvuidi.
“Impela lokho kungenzeka. Bengike ngezwa kancane ngoMthethwa. Uma bengabanika uKimvuidi mhlawumbe nomunye umdlali, bengavuma.
“Bengababoleka uKimvuidi mhlawumbe nomunye umdlali wasesiswini noma emuva bese bebadedelela uMthethwa.”
Impempe isingakuveza ukuthi iPirates seyiyiqale phansi imizamo yayo yokuthola uMthethwa njengoba ikholwa wukuthi sekungabe iphelele uma ithole yena.
Kuvele ke kuke kwabezingxoxo phambilini kodwa zabuye zayekwa. Lokhu kwakungenxa yokuthi abaphethe lo mdlali bebengekho magange kangako ngePirates.
“Ngaleso sikhathi bebesabheke iKaizer Chiefs abebebona engasheshe angene kuyo eqenjini eliqala imidlalo,” kuso omunye umthombo osondelene noMthethwa.
“Kodwa nengoba ingashongo lutho, kungenzeka sebebuyele kwiPirates bayozwa ukuthi yona ithini.
FUNDA NALA: ‘ULyle Foster usazokhula kakhulu kwi-EPL,’ kusho uTau
“Phela bayabona iminyaka iyahamba njengoba ena-28 nje, sekumele ayothola inselelo enze nemali ehlakaniphile eqenjini elikhulu,” kusho lo mthombo.