EzakamuvaIbhola

URiveiro uveza obekulovise uMonnapule Saleng kwiBucs

Ugeze igama lakhe uMonnapule Saleng eshaya amagoli amabili asize i-Orlando Pirates iguqise iKaizer Chiefs ngo 3-2 ngoMgqibelo ntambama.

UMonnapule Saleng ubesefana nomdlali oselibalekile kwiPirates njengoba selokhu kwaqala isizini ubevela amacozucozu eqenjini eliqala imidlalo. 

Kumangaze abaningi ke ukumbona eqala umdlalo womkhaya baseSoweto ngoMgqibelo kodwa wakukhombisa ukuthi kungani umqeqeshi uJose Riveiro embuyise kulo mdlalo omkhulu kangaka. 

Ngemuva komdlalo, uRiveiro ube esebuzwa ngokubuya kwalo mdlali isigubhukane.

“USaleng akazange enze kahle emzuliswaneni wokuqala wesizini ngezizathu eziningi ezehlukene,” kusho uRiveiro. 

“Ngeke sikudingide ke kodwa lokho lapha. Ngesikhathi sekhefu le-Afcon wenze umsebenzi omuhle njengoba besinesikhathi sokuzilungiselela kabusha. 

“Udlalile sibhekene neSundowns ePitori, akenzanga kabi. Asikwazanga ukuqhubeka naye ngenxa yomkhuhlane owamkhipha eqenjini ngesikhathi siya ePolokwane. 

“Sasebenzisa umdlalo weCrystal Lake ukubona abanye abadlali kanti ngoLwesithathu ubengadlala esuka ebhentshini sibhekene neCape Town Spurs.

“Ubekulungele ukudlala. Kodwa ngakhetha ukuzama okwehlukile ngabe sengimyeka yena kuze alungele lo mdlalo wanamuhla adlale ngale ndlela adlale ngayo. 

“Asimlibele. Nimbonile namuhla, udinga ukwesekwa. Udinga simeseke ukuze aphinde abe yilo Saleng esimbone ngesizini edlule.” 

Emdlalweni olandelayo iPirates izobhekana neHungry Lions kwiNedbank Cup kanti njengoba esekhombise ukubuyelwa yifomu nje uSaleng, leli qembu lizozalelwa yinja endlini.