UMokwena usola inhloso ngokulinyazwa kukaZungu
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, usola ukuthi ulinyazwe ngenhloso yokuphindisela umdlali wakhe uBongani Zungu.
Usho kanje ngemuva kokuthi iqembu lakhe libhaxabule iTS Galaxy ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium ePitoli, ngoMsombuluko ebusuku.
“Ngiphoxekile ngokudlaliswa kabi kukaBongani Zungu,” kusho uMokwena.
“Izolo umqeqeshi weqembu ebesidlala nalo ukhombise abadlali bakhe ividiyo yokulimala kukaParker wathi ‘ningakhohlwa ukuthi kwenzekani kuParker.”
Lezi izinsolo ezinzima kakhulu futhi zizosusa umsindo kuMokwena noSead Ramovic abahlale bebhozomelana.
Eziphendulela umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramavic, uthe: “Ngisafuna ukuyobhekisisa kahle leyo nto…
“Nokho angifuni ukuphendula izinto azishoyo (uRulani Mokwena). Sengazitshela nje ukuthi angifuni ukuphendulana naye.”
ISundowns iqale umdlalo njengenjwayelo, icindezela izivakashi emizuzwini yokuqala yomdlalo.
Igoli ligcine liqhamukile kanti lize noPeter Shalulile ngomzuzu ka-26. Ubuye washaya elinye futhi igoli uShalulile ngomzuzu ka-35 kwaba ngu 2-0.
Ngaleso sikhathi bezingahlangani nhlobo izinto kwiRockets.
Ngomzuzu ka-64 uThembinkosi Lorch, ongene endaweni kaTashreeq Matthews ngesiwombe sesibili, ushaye igoli lesithathu leSundowns.
Lapho kuvele kwacaca ukuthi seyingcwatshwe iphila iRockets, ebikuthola kunzima ukufika emapalini eSundowns.
Ngomzuzu ka-85 u-Orebotse Mongai uthole ikhadi elibomvu ngokudlalisa kabi uBongani Zungu.
Lo mdlali ukhishwe ngomhlaka wangabe esabuya, nokwenze amaqembu aqede umdlalo esenabadlali abayishumi womabili. ISundowns bese iwuqedile uphawini wayo wokushintsha ngesikhathi kulimala uZungu.
Kulo mdlalo kubonakale uBernard Parker obedlala okokuqala kulandela ukulimala emakana noZungu bebhekene neSundowns ngo-Okthoba nyakenye.
IRockets ithole iphenathi ngomzuzu ka-90+3 yathathwa uyena uParker kodwa wayivimba uRonwen Williams.
Ukunqoba kweSundowns kusho ukuthi ishoda ngamaphuzu amathathu kuphela ukuthi iqukule isicoco seligi okwesikhombisa kulandelana.
Empeleni iSundowns ingase ibe ngompetha ingadlalanga uma iStellenbosch FC ishaywa yiLamontville Golden Arrows ngoLwesithathu.
Emdlalweni olandelayo iSundowns izobhekana neKaizer Chiefs eFNB Stadium, ngoLwesine.
FUNDA NALA: Okushaqisayo ngokukushona kukaRose of Soweto
Kuzocaca kulowo mdlalo ukuthi ngabe iSundowns izojabulela ukunqoba isicoco seligi ngokushaya iChiefs okwesibili kule sizini kweyeligi.