Okushaqisayo ngokukushona kukaRose of Soweto
UDingaan ‘The Rose of Soweto’ Thobela, owayengumpetha wesibhakela emhlabeni futhi owayehlonishwa kulo mdlalo, udlule emhlabeni eneminyaka engu-57.
Ngokombiko we-Ink Sport isidumbu sikaThobela sitholwe efulethini lakhe eliseSoweto ngoMsombuluko, kanti kubonakala sengathi bese kudlue izinsuku ezimbalwa ashona ngaphambi kokutholakala.
UThobela waqala ukuzakhela igama ngesikhathi enqoba isicoco seWorld Boxing Organisation (WBO) esisindweni se-lightweight ngoSepthemba 1990 ehlula isihlabani saseMexico uMauricio Aceves.
Akaigcinanga lapho; wathatha isicoco seWorld Boxing Association (WBA) esisindweni se-lightweight ngoJuni ka-1993 ngemuva kokunqoba umshayisibhakela waseMelika uTony Lopez.
UThobela waqhubeka nokugqama kwakhe kwaze kwafika lapho ehlula khona uGlenn Catley wase-United Kingdom ngoSepthemba ka-2000 eCarnival City eBrakpan.
Uzokhunjulwa hhayi nje kuphela ngamakhono akhe amangalisayo eringini kodwa nomoya wakhe nokuzimisela.
FUNDA NALA: UJabu Mahlangu nomkhankaso wokuqwashisa ngezidakamizwa
UThobela noma uRose of Soweto ushiye izinkumbulo ezininingi futhi impilo yakhe iyisahluko esibalulekile emlandweni wesibhakela kuleli.