Owayengumgadli weSwallows usola iPSL ngokushabalala kwamaqembu anomlando
SIHLE NGUBO
Uwukhomba kwiPremier Soccer League (PSL) umunwe owayengumgadli weMoroka Swallows, uScelo Zuma, ngokushabalala kwamaqembu anomlando ebholeni laseNingizimu Afrika.
UZuma, oneminyaka engu-39, uthe kumphatha kabi ukuzwa ukuthi iqembu ayelidlalela, iSwallows, lisezinhlelweni zokudayiswa ngaphambi kokuthi kuqale isizini. Imibiko yakamuva ithi sekusele kwiPSL ukuthi iqinisekise ukuthengwa kwesitifiketi seZinyoni sokudlala kwiDStv Premiership, okuthiwa vele sesisezandleni zeMarumo Gallants.
Lokhu kuchaza ukuthi iSwallows izoshintshwa igama ibe yiGallants, bese ifudukela eBloemfontein, okuyikona okumkhalisa kakhulu kunakuqala uZuma.
“Okokuqala nje kimina ubuhlungu benhliziyo hhayi ngeSwallows kuphela, kodwa wonke amaqembu anomlando ukuthi agcine eshabalele nje kanjalo,” kusho uZuma.
“Ngibala i-African Wanderers, ngibala iBidvest Wits, wonke nje lawo maqembu. Kubuhlungu kimina njengomdlali owayedlala kwiSwallows ukuthi kungenzeka idayiswe.
“Bese sethembile ngesikhathi ivika izembe ukuthi izoba ngelinye lamaqembu azoqinisa izikwati zawo elungiselela isizini ezayo.”
ISwallows idayiswa nje ibinezinkinga zemali nobekwenza abadlali babuye bangaholi. Ngabe ifike kanjani lapho?
“Ngeke ngikwazi ukusho ukuthi umunwe ngingawukhomba kubani okwamanje. Mhlawumbe nabo abaphathi bebenezingqinamba eziningi,” kuqhuba uZuma.
“Kodwa ngingaphonsa inselelo ekutheni angazi ukuthi le nto yabaxhasi ihamba kanjani. Nokuthi mhlawumbe kuyomele kubuyekezwe nendaba yamaholo.
“Mhlawumbe kube nendlela okwenziwa ngayo uma amaqembu angaka engeke akwazi ukuthola abaxhasi, okugcina kungene emaphaketheni ezikhulu. Lokhu kwenza ibhola ligcine selinzima kakhulu uma kunjalo.”
ISwallows kuke kwavela ukuthi imiswe yiPSL ekutheni ithole ukuxhaswa yiTelkom. Bakhona nabanye okuvela ukuthi bavinjiwe ukuthi baxhase iZinyoni ngenxa yemithetho yePSL.
“Ngicabanga ukuthi le nto iyoya kakhulu nakubaphathi bebhola ukuthi, sesiyavumake iSwallows iyadayiswa ngenxa yemali…kodwa umthetho engingathi awubuyekezwe yilo wePSL wokuthi iqembu livese lishintshwe igama ngaleso sikhathi.
“ISwallows kuyofanele ibe yiMoroka Swallows uma uyithenga, ingashintshi igama ngoba inomlando. Kugwemeke ukuthi ivele ishabalale kanjalo nje.
“Ukugxeka ngikuphonsa lapho ukuthi iPSL izinuke amakhwapha ngokuthi uma kuzohamba amaqembu amadala, kusale amasha amanye angenabo abalandeli, abeSwallows asebehlale nayo iminyaka, bashona kuphi, benzenjani?”