EzakamuvaIbhola

Uzifakele ukushisa uMokwena ngezinsolo azenze ngoRamovic?

Kungenzeka ukuthi umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, uzidonsele amanzi ngomsele ngokuphawula mayelana nokulimala kukaBongani Zungu.

UZungu ukhishwe ngohlaka wangabe esabuyela enkundleni kulandela ukudlaliswa kabi u-Orebotse Mongai weTS Galaxy, emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMsombuluko ebusuku.

Ngemuva komdlalo uMokwena ubedinwe egane unwabu, walibeka ngembaba elokuthi uZungu ulinyazwe ngenhloso yokuphindisela. 

“Ngiphoxekile ngokudlaliswa kabi kukaBongani Zungu,” kusho uMokwena.

“Izolo ebusuku ngitshelwe ukuthi umqeqeshi weqembu ebesidlala nalo ukhombise abadlali bakhe ividiyo yokulimala kukaParker wathi ‘ningakhohlwa ukuthi kwenzekani kuParker.”

UZungu uyena owalimaza uBernard Parker ngo-Okthoba nyakenye emdlalweni weCarling Cup Knockout. 

Nokho kukholakala ukuthi kwaba yiphutha nje, yayingekho inhloso yokwenza lokhu kuZungu.

UParker wephuka kabuhlungu wahlala izinyanga eziyisithupha ezama ukululama. 

Ubeqala ukubonakala enkundleni ngesikhathi bebhekene nompetha beligi, iSundowns, ngoMsombuluko.

Ukukhuluma kanje kukaMokwena kungase kumqhathe nolaka lwePremier Soccer League (PSL) okungenzeka iphoqeleke ukuthi ithathe izinyathelo.

Kungekudala iPSL ibisanda kuhlawulisa kanzima uJomo Biyela ongusihlalo weRichards Bay FC.

UBiyela uhlawuliswe u-R100 000 (kwalengiswa u-R50 000) kulandela ukulahlwa yicala lokuphimisa amazwi ayiswana ewabhekise kuRichard Makhoba weRoyal AM.

Ngesikhathi ekhipha isigwebo uZola Majavu, ongumshushisi wePSL, uthe: “Esikubhekile ukuthi ungumholi nomphathi weqembu, ngakho kumele aziphathe ngendlela eyisibonelo.”

Okushiwo uMokwena kungathathwa ngokuthi ugqugquzela ukungezwani kubadlali nokuthi uma kukhona odlalise kabi omunye kumele kube nokuphindisela okuthile.

I-PSL uma imbeka icala ngamazwi akhe, ingamcela ukuthi alethe ubufakazi balokho akushilo, wathi kushiwo umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, kubadlali bakhe ngaphambi komdlalo neSundowns.

IRockets isazobhekana naBafana Ba’Style emdlalweni weDStv Premiership ngaphambi kokuthi kusongwe isizini.

Akwaziwa ukuthi kuyokwenzekani lapho njengoba kucaca ukuthi uMokwena noRamovic bayinkukhu nempaka.

IGalaxy seyikhiphe isitatimende iveza ukungeneliseki kwayo ngale nkulumo kaMokwena, yathembisa nokulandela umthetho uma engayihoxisi engahoreni angu-24.

“I-TS Galaxy FC iyakuphikisa lokho okushiwo umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena ethi umqeqeshi wethu nguyena obangele ukulimala komdlali weSundowns uBongani Zungu emdlalweni wethu izolo (ngoMsombuluko) ebusuku.

“UMokwena uqambe amanga aluhlaza, okuyinto esiyibona njengehlazo elikhulu ebholeni nasekilabhini ayimele.

“Uma uMokwena esakholelwa emangeni akhe, manje sesimbizela eshashalazini ukuthi afakazele izinsolo zakhe kungakapheli amahora angama-24…

“Uma kungenjalo iqembu nomqeqeshi wethu bazolwela amalungelo abo emthethweni!,” isho kanje iGalaxy esitatimendeni.