EzakamuvaIbhola

UMatlou ubonga uDoctor, Mooki no-Ace ngezeluleko ngeChiefs

UGeorge Matlou, ongumdlali waseswini kwiKaizer Chiefs, ukhuthazwa izinkakha zaleli qembu o-Ace Khuse, Doctor Khumalo noThabo Mooki. 

Lo mdlali oneminyaka engu-25, ufike kwiChiefs ngesizini edlule esuka kwiMoroka Swallows. 

Ngaphambi kwalokho ubeke wathi qu ePortugal la edlale khona kwiSanjoanense, kanti wake wadlala nakwiBidvest Wits, neCape Town All Stars kuleli.

Uthi ngesikhathi efika kwiChiefs waba nengxoxo ende nalezi zinkakha, zimeluleka ngokumele akuqaphele njengoba esezodlala kuleli qembu. 

“Ngihlala njalo ngibuyelwa ngamazwi abangitshela wona, bengiluleka ngeKaizer Chiefs – ubumqoka bayo,” kusho uMatlou. 

“Bangiluleka ngobumqoka bokugqoka ijezi leKaizer Chiefs nokuhlonipha abalandeli beKaizer Chiefs…” 

Uzibona esenhlanhleni lo mdlali ngokuthi waba nethuba lokuyokleza kogwansile ngokuthola ulwazi kulezi zinkakha.  

“Ngicabanga ukuthi ngibe nenhlanhla ngokuthola iziluleko ezimqoka. Uyabadinga abantu abadala abayihambile le ndlela ngaphambili. 

“Bakukhombisa wonke amakhona ale ndlela – ubuhle nobunzima. Okumele ukwenze ngaphandle kwenkundla nangaphakathi enkundleni.” 

Yize iChiefs iyiqale ngegiya elingagculisi kubalandeli le sizini ngaphansi komqeqeshi omusha uMolefi Ntseki, uMatlou ubona ukukhanya phambili.  

“Kumanje ngibona senza kangcono noma imphumela edingwa ngabalandeli baleli qembu singakayitholi. 

“Ngibona sekusondela ukuthi basuleke izinyembezi zeminyaka,” kuchaza lo mdlali odabuka eSoweto, eGoli. 

UMatlou ungomunye wabadlali abadlala kahle ngaphansi kukaNtsiki njengoba esengomunye wabaqala imidlalo. 

Nokho uneshwa lokulandelwa wukulimala okulokhu kumphazamisa kusukela efikile kuMakhosi. 

Uzobe ebheke ukwenza kahle uma leli qembu seliqala umkhankaso walo kwiCarling Knockout Cup ngempelasonto. 

FUNDA NALA: IPirates nomnyakazo wokukhuleka umdlali ngenkontileka entsha

IChiefs izogadulisana naMaZulu FC ngoMgqibelo kusihlwa eFNB Stadium emdlalweni wesigaba sokuqala salo mqhudelwano omusha wePSL.