Kube ‘yishwa nje’ ukulimala kukaZungu – oweTS Galaxy
Umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, uzichithile izinsolo zokuthi u-Orebotse Mongae umlimaze ngenhloso uBongani Zungu weMamelodi Sundowns.
UZungu ulimale kabana ngemuva kokudlaliswa kabi uMongae emdlalweni walamaqembu ngoMsumbuluko ebusuku.
Umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena uveze izinsolo zokuthi ukulinyazwa kukaZungu bekuhleliwe.
Uthe uzwile ukuthi uRamovic ukhombise abadlali bakhe ividiyo yokulimala kukaBernard Parker ngenhloso yokubakhumbuza okwenzeka.
UZungu walimaza uParker ohlale izinyanga eziyisithupha engadlali, kanti ubuyele enkundleni okokuqala kulo mdlalo okulimale kuwo uZungu.
“Nami angizange ngikubone okwenzekile, kodwa kufanele ngikubone,” kusho uRamovic kwabenzindaba ngemuva komdlalo.
“Ngicabanga ukuthi kube wukuqondana kwezinto nje ukuthi kube ngumdlali owalimaza uParker (olimalayo).
“Kodwa ngingaqiniseka ukuthi akekho eqenjini lethu ozokwenza okuthile (okufana nalokhu) ngamabomu.
“Ngizwe kwiSuperSport ukuthi u‘Mr Sunshine’ uthe sikwenze ngamabomu…
“Ukusho into efana nalena kuyichilo elibi kakhulu. Futhi angifunanga ukuphawula ngayo ngoba ngafunda ngokwedlule.
“Ngoba uma umuntu esebenzisa ukungazi, awudingi ukwenza okuningi futhi ubovele umyeke akhulume… yilokho engizokwenza.
“Ngiyanithembisa ukuthi singabantu abalungile, sibambelele ekudlaleni okunobulungiswa, sifuna ezemidlalo zakhe ubumbano.
“Futhi asisoze senze lutho ngamabomu ukulimaza noma ubani.
FUNDA NALA: Uzifakele ukushisa uMokwena ngezinsolo azenze ngoRamovic?
“Le yimithetho yethu (kwi-TS Galaxy) lokhu kuzokwenziwa inqobo nje uma leli qembu lisekhona… Sizohlala siyiqembu elinobulungiswa.”