Badonswe ngendlebe abeRichards Bay kubhukula iSpurs
ALFRED NGUBANE
Ukubhukula kweCape Town Spurs, iqale iqoqe amaphuzu futhi ivale igebe emaqenjini angenhla kwayo kwilogi yeDStv Premiership sekufake amanzi emadolweni kumphathi weRichards Bay.
Kuvela ukuthi isimo esihle se-Urban Warriors sesifake itwetwe kusihlalo weRichard Bay uSifiso “Jomo” Biyela.
ISpurs isefomini enhle kusukela kubuywe ekhefini le-Africa Cup of Nations futhi seyiqoqe amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili yeligi esayidlalile.
Ngokuthola kweMpempe ngomthombo wayo osondelene neRichards Bay, uBiyela useyalele abadlali ukuba bakhuphule amasokisi emidlalweni elandelayo.
“Uyazizwa impela izigi zeSpurs uBiyela futhi ziyamthusa. Phela manje iqembu lakhe neSpurs sebehlukaniswe amaphuzu amathathu nje kuphela,” kusho lo mthombo.
“Useke wakhuluma nabadlali ebadonsa ngendlebe ukuthi mababhukule nabo, baqale baqhele ezindaweni zezembe ngoba imidlalo iyancipha manje.”
Ngemuva kwemidlalo engu-18, iNatal Rich Boyz inamaphuzu angu-13 okuyibeka endaweni ka-15 kwilogi.
Kuyacaca ke ukuthi uma ike yaphinde yaqhuzuka, izozithola sekuyiyo esemsileni kule logi njengoba ishiyana kancane manje neSpurs.
Ukuthi isexwayiso sikaBiyela sizwakele yini kubadlali kuzobonakala ngoLwesithathu uma sebebhekene neChippa United.
Lo mdlalo weDStv Premiership uzoba seNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
FUNDA NALA: Isililo ebholeni lakuleli kushona uSimphiwe Mkhonza
IRichard Bay ibuya endukwini ayithole komkhaya bayo esifundazweni iRoyal AM eyiguqise ngo 2-1 ngempelasonto.

