IChiefs nezinhlelo zokugcina izitobha ‘ezinamava’
IKaizer Chiefs izosebenzisa umbandela wokwelula inkontileka ka-Edmilson Dove, ukuqinisekisa ukuthi iyamgcina lo mdlali wasemuva ngesizini ezayo.
UDove, ojoyine iChiefs esuka kwi-UD Songo yaseMozambique ngo-Agasti 2022, inkontileka yakhe neChiefs izophela ekupheleni kukaJuni.
Lo mdlali odabuka eMozambique ungomunye wabadlali abajwayele ukuqala imidlalo kwiChiefs kanti usedlale imidlalo engu-17 kuyona yonke imiqhudelwano kwiChiefs kusukela alulama ekulimaleni okumenze wangabi khona eqenjini ekuqaleni kwesizini.
IPhakaaathi ibika ukuthi iChiefs ijabule ngaye futhi ihlose ukuyelula ngeminyaka emibili inkontileka yakhe.
“Abantu abakwazi lokhu, kodwa uDove unenkontileka yeminyaka emibili kwiChiefs futhi sekukhona nesivumelwano sokuthi asayine enye…
“Akusasele sikhathi esitheni ngaphambi kokuthi iChiefs imemezele ukuthi uDove usazohlala,” kusho umthombo.
“UDove ungumholi futhi ikilabhu idinga ubuholi bakhe ukuze ibuyise izinsuku zodumo ngesizini ezayo.
“Naye ujabule ngokuthi uzohlala kwiChiefs, njengoba ngishilo, sekusele kancane ngaphambi kokuthi asayine inkontileka entsha.”
UDove uphakathi kwabadlali abayisithupha esizophela inkontileka yabo neChiefs, abanye ngo-Itumeleng Khune, Sifiso Hlanti, Siyethemba Sithebe, Njabulo Ngcobo noGeorge Matlou.
Futhi njengoba kubikiwe phambilini, uJasond Gonzalez, obolekisiwe kwiChiefs kuze kuphele isizini, uzodedelwa uma kuphela isikhathi okuvunyelwene ngaso.
FUNDA NALA: Kubanjelelwe ngezidindi emaqenjini aseKZN
UKhune, uSithebe, uNgcobo noMatlou kulindeleke ukuthi balishiye leli qembu, kanti uHlanti angase ahlale enye isizini njengoba kuvela izindaba zokuthi iChiefs isikulungele ukumnika omunye unyaka.

