EzakamuvaIbhola

‘Umqeqeshi wasiphoxa engamdlalisi uZwane kodwa akangaxoshwa’ – Mike Ntombela

SIHLE NGUBO

Inkakha yeMamelodi Sundowns, uMike “Nanana” Ntombela, isola umqeqeshi weqembu uMiguel Cardoso ngokungamdlalisi uThemba “Mshishi” Zwane kowamanqamu weCAF Champions League.

Abafana Ba’Style bahlulekile ukubuya nendebe yeChampions League e-Egypt lapho beshaywe khona yiPyramids SC ngo 3-2 sekuhlanganiswe amagoli emilenze yomibili.

ELoftus Stadium iSundowns nePyramids babambane ngo 1-1, kanti nalapho uZwane wawuqala ebhentshini umdlalo.

Emlenzeni wesibili e-30 June Stadium, eCairo, iPyramids inqobe ngo 2-1 uZwane ebuka esebhentshini.

Nokho uNtombela akafuni axoshwe uCardoso ngoba umbona efike noshintsho eqenjini.

“Ufike ngesikhathi lapho bekungabazeka ukuthi sizokwazi ukufinyelela kuma-quarterfinal,” kusho uNtombela odlale kwiSundowns iminyaka eyisithupha.

“Ufikile sagcina singenile kweyomkhumulajezi. Sibe sesiba neqembu eliqinile, saba ngcono nasemidlalweni yeligi.

“Kodwa kuthe sekuya ngasekugcineni kwacaca ukuthi akusahambi kahle. Uma ubungaqhathanisa ukuthi phakathi kweSundowns ne-Orlando Pirates yiliphi ebelizonqoba iChampions League, nakanjani bekubukeka kuyiPirates.

“Bebengcono kakhulu kunathi. Nokho ngiyajabula ukuthi sifike kowamanqamu yize indlela ebesidlala ngayo ibingabukeki.”

ISundowns ibe ngompetha beligi okwesishiyagalombili kulandelana nokuyiyona ndebe eyitholile ngesizini edlule.

“Uma ngibuka indlela enze ngayo (uCardoso) akukubi kakhulu ngoba akayiqalanga nathi isizini,” kuqhuba uNtombela.

“Angifuni ukubona iqembu libuyela esimeni elalikusona ngaphambi kuka-2012 engakafiki uPitso (Mosimane).

“Uma singanakile singabuyela kulesi sikhathi kalula nje. Ngoba konke kwakukhona ngaleso sikhathi, kwakunemali nakho konke kodwa imiphumela ingemihle.”

UNtombela ubeyingxenye yeNtokozo Myeni Under 15 Tournament, eNgwelezane Sports Field, ngoMgqibelo, eMpangeni.

Yize engafuni axoshwe uCardoso kodwa akayizwa kahle eyokubekwa ebhentshini kukaZwane emdlalweni wamanqamu.

“Umqeqeshi wenze kahle kodwa usiphoxile kowamanqamu engamdlalisi uThemba Zwane.

“Akakachazi nakahle ukuthi kungani engamdlalisanga. Kuze kube uchaza kahle mhlawumbe siyoqonda.

“Nokho iqembu elixosha abaqeqeshi njalo akulona iqembu elihle ukuba kulona.

“Kuneqembu eselidumile ngokuxosha abaqeqeshi njalo…khumbula ukuthi sadedela umqeqeshi uPitso, saxosha uRulani Mokwena, saxosha uManqoba Mngqithi.

“Indlela okwenzeka ngayo sengathi siyiqembu elithanda ukuxosha nje. Yikho ngingeke ngeluleke iqembu ukuthi lixoshe umqeqeshi uCardoso.”