Sivuke ngoxhaso kweHollywoodbets isikhungo sikaProf Ngubane
SIHLE NGUBO
IHollywood Foundation inikelele isikhungo sebhola, iMlungisi Ngubane Soccer Academy, amajezi amane, amabhola nezikhwama zakwaLa Liga.
UProfessor, njengoba ayaziwa kanjalo esadlala ibhola, waduma kakhulu esayibamba kuMaZulu FC nakwiDurban Bush Bucks, okungamaqembu ayehlonishwa ngaleso sikhathi KwaZulu-Natal.
Le nkakha, eyayishaya izitayela kuchwaze inkundla, yake yaveza ukuthi kukhona amaqembu aseGoli ayeyifuna kodwa yona yayingafuni ukushiya iKwaZulu-Natal.
UMenzi Ngcobo, oyiSenior Sponsorship Coordinator eHollywood Found Group, uthe besese kakhulu ukusondelana nale nkakha.
“Kusijabulisa kakhulu ukusebenzisana noma ukuba yingxenye yeMlungisi Ngubane Football Academy,” kusho uNgcobo.
“Njengoba sazi sonke ubaba uMlungisi Ngubane uyibekile induku ebandla kunobhutshuzwayo eNingizimu Afrika eminyakeni yabo 1980.
“Bekuba lukhuni ukukhuluma ngebhola ungaliphathi igama likaMlungisi Ngubane.
“Ngakho kuthe uma ehlaba ikhwelo eminyakeni emibili edlule, ecela ukuthi simsize, sajabula kakhulu ukuthi ngokusebenzisa igama lakhe sikwazi ukuxhasa intalethe ebholeni likanobhutshuzwayo.”
UNgubane ubonge kakhulu iHollywoodbets ngokulokhu imeseka njalo.
“Lolu xhaso lusho okukhulu kwiProps Academy. Sithi iProps Academy sibuye sithi iMlungisi Ngubane Foundation,” kuchaza uNgubane.
“Le nto sasiyiqalele izingane abazali bazo abangakwazi ukukhokha imali ephezulu.
“Sayiqala nayo iHollywoodbets. Bangisiza kakhulu ngisayethula ngo-2019.
“Ngiyacela iHollywoodbets iqhubeke isibhekelele ngoba lezi zingane njengoba zilapha zithembele kimina.
“Kukhona izingane ezingakwazi ukuthenga amakhokho, siyakwazi ukuzithengela. Ngelinye ilanga siyowacela amakhokho kwiHollywood.”
Uvale ngokuthi kwamthinta kakhulu ukubona izingane zaKwaZulu-Natal, zivela kwithelevishini zilala emnyango eGoli, lapho zaziyozama khona inhlanhla.
FUNDA NALA: UBradley Grobler uveza azisola ngakho, nerekhodi lamagoli
“Ngabona kungcono ukuthi siziqalele okwethu ukuze sisize izingane zifeze amaphupho azo,” kuphetha uNgubane