UMokwena usebheke ukuqopha amarekhodi amasha neDowns
URulani Mokwena uthi iMamelodi Sundowns manje isifuna ukuqopha irekhodi elisha lokuqoqa isibalo esiphezulu samaphuzu emlandweni wePSL.
Ukusho lokhu ngemuva kokunqoba isicoco seDStv Premiership okwesikhombisa kulandelana ngokushaya iKaizer Chiefs ngo 5-1 eFNB Stadium ngoLwesine.
ISundowns ngaphansi kukaPitso Mosimane, inqobe iligi ngamaphuzu angu-71 ngesizini ka-2015/16 okwaba yirekhodi elisha.
Icishe yalifica leli rekhodi ngesizini edlule njengoba iqede inamaphuzu angu-70, futhi manje inethuba elikhulu lokwenza kangcono kulokhu.
Njengoba sekusele imidlalo eyisithupha, aMasandawana asenamaphuzu angu-62, okusho ukuthi ingafika emaphuzwini angu-80 ekupheleni kwesizini.
“Amaphuzu angu-71? Yini engasivimba? Sizowazama,” kusho uMokwena ngemuva kokubukisa ngeChiefs.
“Uma singakwenza lokho, siyobonga. Uma kungenzekanga, kobe yishwa bese siphinde sizama ngokuzayo.
“Zonke izintaba zikhona ukuze uzame ukuziqwala, futhi lapho ukhuphuka kufanele ube ubheka enye intaba (elandelayo).
“Ngesizini edlule sifinyelele kumaphuzu angu-70 ngakho kungenzeka.”
ISundowns inelinye ithuba lokuqopha irekhodi lokuqeda isizini ingazange ihlulwe nakanye kwiligi.
“Amadoda ayahlela, kodwa uNkulunkulu nguye onqumayo,” kwengeza uMokwena.
“Yilapho esikhona. Ebholeni uyanqoba, uhlulwe noma udlale ngokulingana.
“Ngicabanga ukuthi njengamanje sesidlala ngaphandle kokwesaba ukuthi singase sihlulwe.
“Kukhona la besesidlalela ukungehlulwa. Ngibakhumbuzile abadlali uukuthi sifike la sikhona ngokudlalela ukunqoba.
FUNDA NALA: Kuphele amazwi kuJohnson iSundowns ibukisa ngeChiefs
“Ngiyajabula ngokuthi kube noshintsho endleleni yokucabanga.”