Kuvela okuzokwenza uSiphelo Baloni avelele kwiPirates
Sbongs Gumbi
USinethemba Badela, obeqeqesha i-All Stars la bekudlala khona uSiphelo Baloni ngesizini edlule, uthi lo mdlali uzovelela eqenjini lakhe elisha i-Orlando Pirates.
USiphelo Baloni ube ngomunye wabadlali abane abasha abethulwe yiBucs kuleli sonto futhi useqalile ukuzicija nayo.
Njengoba ebedlala kwiMotsepe Foundation Championship, igama lakhe libathusile abanye njengoba bengamazeli lutho.
Wethulwe kanye namagama aziwayo oKatlego Otladisa, Melusi Buthelezi noPatrick Maswanganyi. U-Otladisa ubekwiMarumo Gallants, uButhelezi ekwiTS Galaxy kanti uMaswanganyi ubekwiSuperSport United.
“USiphelo Baloni uzobahlaba umxhwele kwiPirates, kodwa uzodinga isikhathi esincane ukuze azijwayeze ngoba le ligi aya kuyo ihlukile.” kusho uBadela.
“Kuyisinyathelo esimfanele ngoba okokuqala, unekhono futhi ungumuntu oziphethe kahle kakhulu. Usebenza kanzima futhi usehlale esigabeni sesibili amasizini ambalwa manje,” kusho uBadela etshela iSowetan ngoLwesine.
“Ungumdlali osekunesikhathi simlandela, saqala esekwi-JDR kodwa saze sathola ithuba lokumsayinisa ekuqaleni kwesizini edlule.
“Enye yezinto zokuqala engazisho kuye ukuthi, ‘sizozama ukunyusela ibhola lakho kwelinye izinga’, futhi wenze kahle.
“Ungumdlali osebenza kanzima. Uyayibuka imidlalo adlale kuyo ukuze abone la kumele enze kangcono khona. Ngakho-ke, akungimangazi ukusayinwa kwakhe.”
Nakuba lo mdlali wasesiswini ezobhekana nokuncintisana okukhulu kwiPirates ebophele izinkunzi okukade zase zidonsa esiswini, uBadela akamngabazi uSiphelo Baloni.
“Yizinga elehlukile, ngakho kuzodinga ukuthi enze okungaphezu kwalokhu akade ekwenza ngoba izinga liphezulu.
FUNDA NALA: IGallants imkhomba kwiChiefs uRanga Chivaviro, okusha ngoHlanti
“Angicabangi ukuthi uzodonsa kanzima kwiPirates, kodwa-ke, uzodinga isikhathi esincane ukuze azijwayeze ngoba iligi ihlukile.
“IPremiership inamacebo okudlala athe ukuthuthuka, kanti kulesi sigaba abekuso kudlalwa kakhulu ngamandla.”