EzakamuvaIbhola

Elaphesheya lilinga iPirates ngoMonnapule Saleng

Njabulo Shezi

Izimanga ebezigilwa nguMonnapule Saleng we-Orlando Pirates ngesizini edlule sezimtholele izesheli zaphesheya kwezilwandle.

Kuvela ukuthi kuneqembu laseSaudi Arabia eselifongqe isigqoko lazozibika kwiPirates ukuthi selihlulwe wuthando lukaMonnapule Saleng.

Lo mdlali ubenza izinto zenzeke kumaBhakhaniya futhi namanje kusenokukhala ngokuthi kungani enganikwanga umklomelo wokuba nguMdlali oVelele.

Ngokwemibiko, uSaleng ufunwa yi-Al Nassir engelinye lamaqembu ami kahle aseSaudi Arabia adlala kwiligi eheha abadlali abanamagama muva nje.

Alungabazeki ukuthi ngisho ingabeka malini iPirates ngalo mdlali, leli qembu lingamthenga. Uma engahamba, uzodlala kwiligi eyodwa noCristiano Ronaldo noNgolo Kante ukukha nje phezulu.

Nokho akubonakali iPirates izomdedela okwamanje njengoba nayo izoba nesizini ematasa nje.

Izobadinga bonke abadlali bayo, ikakhulukazi izihlabani ezinofakazi njengoMonnapule Saleng.

Omunye wemibiko uveze ukuthi iPirates ilingekile njengoba ingazi noma imdedele ahambe noma imgcine. Yena kuthiwa uzohambisana nokushiwo yiqembu.

Njengamanje iPirates ivele ixinwe yiMamelodi Sundowns okuthiwa ifuna uVincent Pule. Manje uma ingahanjelwa yibo bobabili laba badlali ingazithola seyinenkinga.

Angithi kuvele kusenokungabaza ngoThembinkosi Lorch olahlwe yicala lokushaya owesifazane ngasekupheleni kwenyanga edlule. 

ULorch uselinde isigwebo esizophuma ngoJulayi. Lokhu kuzokwenza asale uma iPirates seyiya eSpain la iyozilungiselela khona isizini entsha.

Kwayona iSundowns iyachithwa ngenxa yokuthi amava kaPule azodingeka kwiBucs ngesizini ezayo, ikakhulukazi kwiCaf Champions League.

FUNDA NALA: Ezintsha ngoThabo Cele obehalelwa yiKaizer Chiefs

Leli qembu kuthiwa lizimisele ngokulwela ukuyinqoba iChampions League hhayi ukuyoveza ubuso nje kuphela. Manje yikho lokho okuzolivimba ekudedeleni abadlali.Kodwa uma i-Al Nassir ingabeka imali esile, ingalingeka bese imdedela uSaleng, igcine uPule kwazise bacishe bedlale ngendlela efanayo.