EzakamuvaIBafana Bafana

UWilliams unxusa abalandeli ukuthi beseke iBafana Bafana

SIHLE NGUBO

Ukaputeni weBafana Bafana, uRonwen Williams, usenxuse abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika, ukuthi baphume ngobuningi babo bayokweseka iqembu lesizwe.

Usho lokhu nje uWilliams, iBafana Bafana inomdlalo onzima lapho izobhekana neRwanda kowokugcina wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, eMbombela Stadium, ngoLwesibili ngo-6 ntambama.

Lo mdlalo kumele nakanjani iwunqobe iNingizimu Afrika ukuze izibeke ethubeni lokuya kwiNdebe yoMhlaba.

Ngakolunye uhlangothi iqembu lakuleli lizothandazela ukuthi iNigeria ishaye iBenin komunye umdlalo kaGroup C ngoLwesibili ngesikhathi esifanayo.

IBafana Bafana kumele iphinde izame ukushaya amagoli amaningi uma isibhekene neRwanda, ukuze izibeke ethubeni lokuqhwakela kwilogi kaGroup C uma iBenin idlala ngokulingana neSuper Eagles.

Njengamanje iBenin inamaphuzu angu-17 esicongweni, kanti iNingizimu Afrika inangu-15 endaweni yesibili.

UWilliams ukholwa ukuthi iqembu lisengazibekisela indawo kweyoMhlaba, futhi bazozama ngakho konke ukwenza lokho.

“Imidlalo eyisishiyagalolunye beyiyinselelo enkulu emizameni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba,” kusho uWilliams.

“Senze konke okusemandleni, sabhekana nakho konke okusibuyisela emuva kodwa ukukhokhelwa kwethu kusaqine kakhulu.

“NgoLwesibili sibeka izinhliziyo zethu nakho konke kuleya nkundla yaseMbombela.

“Lesi yisikhathi sethu, umdlalo wethu wamanqamu. Siyanidinga niyiNingizimu Afrika.

“Sicela nigcwalise iMbombela Stadium. Asibambane sonke, sikhombise umhlaba ukuthi iBafana Bafana iyini.

“Sisakholwa, asiqophe umlando. KwiBafana siyakholelwa.”

INigeria nayo isenethuba lokuzibekisela indawo kweyoMhlaba uma ishaya iBenin bese iNingizimu Afrika inganqobi kwiRwanda.

OkweBenin kona kulula ngoba kumele inqobe umdlalo wayo neNigeria ukuze izitholele ithikithi elingeke kwiNdebe yoMhlaba.