EzakamuvaiDStv Premiership

Idaze eyexoxo seyicindezelwe phansi iSpurs ibambana neSuperSport

Iqhubekile nokugoloza ukudliwa yizembe iCape Town Spurs yize isibambelele ngezidindi nje. 

Leli qembu laseKapa lilwe lingasaphelele ukuze lingehlulwa yiSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesihlanu ebusuku. 

Izinto zisheshe zakhomba ukubhimba kwiSpurs ngesikhathi isala ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kwesitobha sayo.

Bekungumzuzu ka-16 ngesikhathi uGabriel Kamanga edlalisa kabi umgadli weSuperSport. 

Ukube umyekile lo mdlali ubesezoyobhekana ngqo nonozini, unompempe akazange angabaze, wamhlaba ngekhadi elibomvu.

Kodwa ikwazile ke i-Urban Warriors ukuzabalaza yaze yagcina ilitholile iphuzu elibalulekile lasekuhambeni. 

ISpurs isasalele ngamaphuzu amahlanu kwiRichards Bay enomdlalo onzima la izobhekana khona ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ebusuku. 

Emdlalweni olandelayo iSpurs izobhekana neGolden Arrows ngoMeyi 18 ekuhambeni, bese ivala ngeKaizer Chiefs ekhaya ngoMeyi 28. 

Yize ngokwezibalo leli qembu elicijwa u-Ernst Middendorp lisangasinda, kodwa sekuncike kakhulu ekutheni iRichards Bay ilahle amaphuzu kuyo yonke le midlalo emithathu eyisalele.