Ngabe uRulani Mokwena uzobuyela kwiPirates?
SIHLE NGUBO
URulani Mokwena ocija iWydad Casablanca yaseMorocco, uzolishiya leli qembu ekupheleni kwesizini ngemuva kokuhlala isizini eyodwa kuphela kulona.
Lokhu kuqinisekiswe yimenenja yalo mqeqeshi uSteve Kapelushnik obekhuluma neMars FM, ngokuloba kwi-IOL.
Lo mqeqeshi oshiye iSundowns ekuqaleni kwesizini, izinto azimhambeli kahle kwiWydad kuyona yonke imiqhudelwano ayidlalayo.
Kuyaziwa ukuthi abaphathi baleli qembu bafuna imiphumela ngokushesha ngakho abambekezeleli isikhathi eside umqeqeshi.
“Sihlanganile nomengameli uHisham, umqeqeshi nethimba lakhe labaqeqeshi. Sibe nesivumelwano esithile,” kusho uKapelushnik.
“Ngimcacisele umengameli ukuthi ‘uma ungafuni uRulani ahlale, sitshele sizohamba. Kodwa uma ufuna myeke ahlale kuze kuphele isizini.’
“Yileso isivumelwano esifinyelele kusona. Uzohlala kuze kuphele isizini bese sishiye ngendlela ehloniphekile.
“Ikusasa licacile manje. Sinemidlalo emihlanu esele ngakho uRulani uzoqhubela kuze kube sekugcineni.”
Ukushiya iWydad kukaRulani kushiya imibuzo yokuthi ngabe akabhekile yini kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo.
Leli qembu lisanda kumemezela ukuthi umqeqeshi uJose Riveira naye uyagcina ukuqeqesha eZimnyama ekupheleni kwesizini.
Lokhu kushiye abalandeli bemangele ngoba uRiveira ubenza kahle selokhu afika kwiPirates.
Lo mqeqeshi waseSpain usenqobe iMTN8 kathathu neNedbank Cup kabili.
Uma uRulani egcina ephelele kwiBucs uzobe esebuya isibili kuyona. Uke wayiqeqesha ngaphambi kokuthi abolekiswe kwiChippa United.

